Kuzoqhantsha ifinyila kweyesibhakela eMexico

Linda Ximba

Amehlo azobe ethe njo kuHekkie Budler uma esebhekene no-Elwin Soto wase-Mexico empini yokuhlungela isicoco se-WBC junior-flyweight ngenyanga ezayo e-Mexico.

Lesi sicoco esihlonishwayo siphethwe uKenshiro Teraji wase-Japan.

UBudler ophethe ibhande le-WBC Silver ubekwe endaweni yokuqala kwi-WBC kanti uSoto ubekwe endaweni yesithathu.

Umqeqeshi ophinde abe umphathi kaBudler uColin Nathan utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ujabulile ukuthi ikomidi le-WBC likhipha umshayisibhakela wakhe.

“UHekkie ufanelwe ilomdlalo kuyangijabulisa ukuthi ukuzikhandla kwami  sekuzoveza umvuzo ekugcineni. 

Osekusele manje ukwenza isiqiniseko sokuthi asilivumeli leli thuba lidlule ezandleni zethu futhi kumele sisebenze kanzima ukuze sinqobe,” kusho uNathan.

UBudler osephathe izicoco zomhlaba eziningi okubalwa kuzo i-IBO, i-WBA Super ne-IBF udle umhlanganiso kwi-WBC ngemuva kokunqoba isicoco se-Silver ngomhlaka-22 kuNhlaba nyakenye. 

Ulwe kahle ngokuthola amaphuzu ehlula uJonathan Almacen wase-Philippines e-Booysens Gym eJozi.

Lo mshayisibhakela waseNingizimu Afrika oneminyaka engu-33 ubudala uzishaya isifuba ngokunqoba ka-33 ezimpini ezingu-37 kanti uSoto oneminyaka engu-25 ubudala owake waba ngumpetha we-WBO usephumelele ukunqoba imidlalo engu-19 emiqhudelwaneni engu-21.

UBudler ubonge uNathan ngethuba elikhulu.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola leli thuba. Empeleni ngibusisekile ukuba noColin ekhempini yami. Kuzoba impi enzima ngiyamazi lo engizobhekana naye, kodwa ngizobe ngimulindele,” kusho uBudler.

Abathandi besibhakela bakuleli bazobe bethe njo bebheke ukuthi uBudler uyanqoba kuSoto futhi ugoduka nesicoco  se-WBC. 

INingizimu Afrika imdinga kakhulu umpetha womhlaba. UMoruti Mthalane ulahlekelwe ibhande le-IBF flyweight kwathi uThabiso Mchunu wehluleka ukuhlwitha ibhande le-WBC cruiserweight ehlulwa u-Ilunga Makabu.

Izihloko zakamuva