Kuzophazamiseka ukufunda  ezikoleni ezicekelwe phansi isiphepho

Lubhalwe nguLungi Langa

Njengoba izikole zaKwaZulu-Natal zilungiselela ukuvulela   ukuqala unyaka, izikole ezimbili zaseMnambithi azikasebenzi. Isikole samabanga aphansi Amahhuku kanye nesikole samabanga aphezulu iMagwababa zacekeleka phansi ngesikhathi kunesiphepho ngoKhisimusi nyakenye.

USihlalo wesigungu esilawula isikole samabanga aphansi Amahhuku uNkosenye King Hlatshwayo uthe amakilasi amane okufundela acekelwa phansi isiphepho esibi. Amabili awo ayesetshenziselwa ukufundisa kanti amanye amabili ayesetshenziswa njengegumbi lothisha.

UHlatshwayo uthe akulahlekanga konke njengoba kunamakilasi amabili angenalutho abengasetshenziselwa ukufundisa abafundi kodwa okukhathazayo ukugcwala kwala makilasi.

“Besinethemba lokuthi la makilasi amabili sizowasebenzisela ukufundisa abafundi kodwa mancane kakhulu. Kwelinye lamakilasi besinabafundi ababalelwa ku-67 bebanga lesikhombisa. Singase sibe nesibalo esiphezulu kulo nyaka. Angazi ukuthi sizobhekana kanjani nalesi simo,” kusho uHlatshwayo etshela i-Scrolla.Africa.

Isikole kuzomele siphinde sibheke ukuthi sizobenzenjani othisha ngoba abasenalo igumbi labo lokuhlala.

Banethemba lokuthi uMnyango wezeMfundo uzongenelela maduze.

Abafundi abalindele ukufunda izifundo zekhompyutha eMagwababa kungase kudingeke ukuthi balinde. Kulimale okungenani amakhompyutha angu-40 ngesikhathi  kunesiphepho, ngokusho kukaSihlalo wesigungu esilawula isikole uNkosingakhe Ndlovu.

Uthi kuze kwadingeka ukuthi isikole sisebenzise imali yesikole ukulungisa lesi sikole ngoba bafuna ukuqala ukubhalisa abafundi ngoMsombuluko.

“Le mali yabelwe ukwenza ezinye izidingo zesikole kodwa ngeke sivume ukuthi kuphazamiseke ukufunda kwabafundi bethu njengoba kuvulwa izikole ikakhulukazi abafundi abenza umatikuletsheni. Sesingqongqoze kuyo yonke iminyango kahulumeni kodwa asikatholi zimpendulo,” kusho uNdlovu.

Ngokusho kukaNdlovu inani labafundi abenza umatikuletsheni kulesi sikole abaphumelele u-88%.

“Singathanda ukufinyelela ku-100% ngakho asikwazi ukuqala ukufundisa sekwedlule isikhathi,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthe lolu daba lusingethwe isigungu esiphezulu. Uthe basebenza ubusuku nemini ukulungisa isimo ukuze kungabi khona ukuphazamiseka kulezi zikole ezimbili.

Esithombeni esingenhla: Izikole zaseMnambithi isikole samabanga aphansi Amahhuku kanye nesikole samabanga aphezulu iMagwababa  ziphazamisekile ngemuva kwesiphepho sangoKhisimusi esacekela phansi amakilasi okufundela kanye nezinsiza.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva