Sizwe Sibiya
Umjaho ongahleliwe wezimoto zikanokusho, uhambo olumangalisayo, i-botox, izimpisi, uhambo oluya e-Zanzibar nenqwaba yamahhashi!
“Ngaphandle kokudalula okuningi yilokho abantu abangakulindela kwi-Die Real Housewives van Pretoria (RHOP) iwuhlelo le-Real Housewives ewuhlelo lwesiBhunu kusho isiteshi se-kykNET DStv kusizindalwazi sabo ngoLwesithathu.
Ngemuva kokuthi amakhosikazi aphethe imizi eGoli, eThekwini kanye nase-Lagos besanda kwenza loluhlelo eKapa lisanda kwethulwa i-kykNET ezokwethula uhlelo lwesihlanu lwe-Real Housewives ngomhlaka-13 kuMfumfu.
“Sifuna ukukhombisa ababukeli bethu iqembu labesifazane basePitoli abasezingeni eliphezulu emindenini nasemiphakathini yabo, abangamaBhunu, futhi bazobuye bakhombise indlela abaphila ngayo njengamakhosikazi ezindlu zikanokusho,” kuphawula umqondisi wenhlangano ye-kykNET Waldimar Pelser.
Uhlelo lukamabonakude lwangempela luzohlanganisa abesifazane abayisithupha basePitoli – abangakadalulwa amagama abo njalo ngoLwesine ebusuku “ezimotweni zabo zikanokusho, izithabathaba eziwubukhazikhazi, izingubo zokugqoka imicimbi yabo ewubukhazikhazi futhi begqoke amadayimane abiza kakhulu”, beqhosha ku-kykNET.
“Bayazazi izinto ezinhle ekuphileni. Leli ithuba eliyivelakancane lokujwayelana nabo eduze futhi behamba ngezicathulo zabo eziphakeme, ” kwengeza uPelser.
Lolu chungechunge ludidiyelwa ngabakwa-Provoco asebekhiqize imidlalo yangempela efana ne-Sex in Afrikaans, i-Die Siener kanye ne-Liefde Sonder Grense. Izosakaza zonke iziqephu zayo zokuqala ezingu-13 ku-kykNET naku-Showmax.
Umthombo wesithombe: kykNET