Farida Joyce
Umndeni nabangani bakaKiller Kau, uMpura, uTD, uThe Voice noThando Tot abangasekho bahlela uhambo olubizwa ngokuthi i-The Big Five Link Up oliyisikhumbuzo sabo.
Izinkonzo zesikhumbuzo zabaculi bama-piano abangasekho zizoba kule mpelasonto e-Rustenburg kanye nase-Soweto.
NgeSonto, mhla ziyisikhombisa kuNcwaba, ngalesi sikhathi nyakenye bonke laba baculi bashona ndawonye engozini yemoto.
Ngemuva kokuvakashela indawo yengozi ku-N4 (e-Rustenburg), uhide lwezimoto luzobhekisa amabombo e-Westpark Cemetery kanye nase-Nasrec Memorial Park eGoli lapho okwngcwatshwa khona laba baculi. I-Big Five Hangout izoqala e-Pimville, bese igcina e-Soweto.
Lolu hambo lungolunye lwekhonsathi ezokweseka imindeni.
UGugu Seitlhamo ongomunye wabagqugquzeli balo mcimbi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukwenza lokhu kuyingxenye yokuhlonipha umlando wabo kanye nokondla imindeni yabo.
“Sifuna ukukhulisa lokhu kube ikhonsathi yokuhlomula, lapho esiba khona nomcimbi bese imali etholwayo iya emindenini kanti nemindeni izobe yazi ngakho konke lokhu. Besisondelene nalaba baculi ezingeni lokuthi besazi ukuthi bondla emakhaya,” kusho uSeitlhamo.
Babefuna ukwenza okuthile okwakuzobeka ukudla etafuleni ngaso sonke isikhathi.
“Ezikhathini eziningi uma kushona osaziwayo abantu bayakhohlwa ukuthi bebengamaqhawe kanye nabantu ababukela kubo futhi bondla imindeni yabo kodwa thina asikhohlwanga,” esho.
Lo mcimbi uzokwenzeka minyaka yonke kwazise uhlose ukuqinisekisa ukuthi laba baculi abangasekho baziwa izizukulwane ezizayo.
USeitlhamo wengeze ngokuthi laba baculi bama-piano badinga ukukhunjulwa futhi lena indlela efanele yokwenza lokho.
“Bangamaqhawe futhi bazongena ezincwadini zomlando ukuze bakhunjulwe izizukulwane ezizayo,” kusho lo mgqugquzeli womcimbi wesikhumbuzo.
“Ngesikhathi bengcwatshwa nyakenye baningi abantu abangakwazanga ukuphumelela ngenxa yemithetho ye-Covid, kodwa manje sebengeza.”