Lubhalwe nguLinda Ximba
Uma ubuka amazwibela kuyakhombisa ukuthi umdlalo obizwa nge-How To Ruin Christmas: The Baby Shower uzobe udonsa amehlo ababukeli kanti kufanele bazilungiselele uhleko nenjabulo eyengeziwe kule nkathi yamaholide.
Uchungechunge laku-Netflix olugcwele amahlaya luzokhonjiswa mhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela.
Uchungechunge lwangaphambilini belugxile kakhulu kumngcwabo nasemshadweni. Ngeshwa lolu chungechunge luzoqhubeka ngaphandle komlingisi uBusi Lurayi owashona ngoNtulikazi.
Kodwa ababukeli kufanele bajabule uma bezwa ukuthi abanye abalingisi ababathanda kakhulu basekhona.
Indaba yale sizini igxile ekukhulelweni kukaBeauty (Thando Thabethe) kanye nengane kaSbu (Sandile Mahlangu).
“Njengoba uBeauty sekusele inyanga eyodwa abelethe ingane yakhe yokuqala, abakwaSellos nabakwaTwala bayaphoqeleka ukuthi bahlangane ukuze babungaze ingane esizofika emhlabeni.
Okuhloswe ukuthi kube usuku olujabulisayo olungenabungozi kuBeauty luphenduka impi ehlanganisa uValencia noDineo,” kufundeka amazwibela.
UValencia Twala (odlalwa nguCharmaine Mtinta) wabelana ngesimemo sokubungaza ingane nabalandeli nabezindaba.
“Thina noNkosikazi kaMengameli woMnyango wezaseKhaya uNkk Valencia Twala kanye noMhlonishwa uNgqongqoshe uVusi Twala ngokwesikhundla esihlonishwayo njengezithandani eziphezulu kwezombusazwe kanye nosaziwayo baseMzansi sizoba nendumezulu yomcimbi wokubungaza ukuzalwa komzukulu wethu ezalwa indodana yethu uSibusiso Twala (owaphumelela ekilasini lakhe futhi wasebenza e-London) nomkakhe uBeauty.
“Abasekhweni lethu abakwaSellos bazoqhubeka nokuthokozela udumo njengoba thina abakwaTwala silungiselela ukukhombisa umhlaba ukuthi isingathwa kanjani i-baby shower esezingeni eliphezulu.
“Lokhu kusibeka ezingeni nabantu abambalwa abadumile njengabangane bethu bakwa-Obama abanethenda yokusakaza ehamba phambili emhlabeni.”
“Sicele usizo lwabahleli bemecimbi abaphezulu bakuleli, abapheki nabasiki bengqephu kanye nomhlambi wabagqugquzeli bakuleli ukuze sifeze umbono wethu we-baby shower. Ingane yami inengane futhi awufuni ukuphuthelwa ilokho kusho mina uNkosikazi Wokuqala Wezasekhaya uNkk Valencia Twala.”
Abanye abantu abazovela nguTrevor Gumbi, uDesmond Dube, uClement Mosimane, uRami Chuene noMotlatsi Mafatshe.
Isithombe esingenhla esabalingisi be-How To Ruin Christmas: The Baby Shower”
Umthombo wesithombe: sithunyelwe