Lungani Zungu
Njengoba sekusele isonto ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya, amaqembu ezepolitiki ashisa izikhotha emikhankasweni yawo yokunxenxa abavoti.
Esikhundleni sakhe njengoMengameli we-ANC, uCyril Ramaphosa uhambele isifundazwe sase-Gauteng ngoMsombuluko enxusa abahlali base-Soweto ukuthi bavotele i-ANC.
“Siyaninxusa ukuthi nivotele i-ANC, futhi sinithembisa izinsiza ezingcono uma nisivotela,” usho kanje.
URamaphosa uvumile ukuthi iqembu lakhe le-ANC lihlulekile kwezinye izindawo ukuguqula isimo sabantu abanhlwempu baseNingizimu Afrika.
“Kodwa njengamanje sisesigabeni sokuvuselela, futhi senza izinto ngendlela ehlukile manje”.
Kulandela umkhankaso we-DA othi-“Get Things Done Rally” ngoMgqibelo eGoli, umholi weqembu uJohn Steenhuisen uyazithemba ukuthi uzonqoba ngesonto elizayo.
USteenhuisen uhambise umkhankaso weqembu lakhe eNelson Mandela Bay e-Eastern Cape ngoMsombuluko.
USteenhuisen utshele abalandeli beqembu lakhe ukuthi i-DA ngeke ithathe lutho ngaphandle kokuwina okukhulu edolobheni elisogwini.
“Ngicela nivotele i-DA ngesonto elizayo ngoba i-DA yenza izinto zenzeke, ayifani ne-ANC, esihluleke izikhathi eziningi”.
Umdonsiswano wamavoti ase-Eastern Cape wenze umholi we-EFF uJulius Malema naye evakashele esifundazweni ngoMsombuluko.
“Sinithembisa izimpilo ezingcono uma nivotela i-EFF ngesonto elizayo. I-ANC yehluleke ngokumangalisayo ukushintsha izimpilo zenu. Sivoteleni, izimpilo zenu ngeke ziphinde zifane,” kusho uMalema etshela isixuku sabantu eMdantsane.
Wengeze ngokuthi iqembu lizoba nomhlangano omkhulu e-Katlehong, esifundazweni sase-Gauteng, ngoLwesihlanu.
Yize esekhulile, uMengameli we-IFP, INkosi uMangosuthu Buthelezi, oneminyaka engama-93, ukhankasela iqembu lakhe.
Uye eThekwini – lapho emukelwe khona ngezandla ezifudumele ngempelasonto.
I-IFP ibuyele esimweni sayo esasilahlekile e-KZN – njengoba kuncipha ukusekwa kweqembu eliyimbangi yakhe, i-NFP kaZanele KaMagwaza-Msibi ongasekho.
Amaqembu amancane afana ne-ActionSA yase-Goli kaHerman Mashaba kanye ne-UDM kaBantu Holomisa, asethubeni lokuba amakhosi komasipala okungeke kunqobe khona amaqembu amaningi.
UNgqongqoshe wezokuVikela uThandi Modise uthe amasosha azobe eqaphile ukubhekana nodlame uma luqubuka ngesonto elizayo.