Lungani Zungu
Amaqembu ayisikhombisa ezepolitiki azongenela umbango wesigceme sesi-11 esibalulekile kuMasipala waseMuziwabantu e-Harding ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal ngoLwesithathu.
Lesi sigceme sisale singenamholi ngemuva kokuthi obeyikhansela le-Al Jama-Ah uMondli Ncayiyane kanye nowayeyiPhini leMeya belaxaze iqembu labo – eladla umhlanganiso okhethweni lwangoLwezi lwanyakenye – basungula iqembu labo i-Sizwe Ummah Nation (SUN) ngoNtulikazi.
UNcayiyane uqokwe njengemeya ngesikhathi i-ANC ibumba umfelandawonye ne-Al Jama-Ah ukuze iphathe umasipala ngemuva kokungabikhona kophumelelayo okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye.
Kodwa wesula esikhundleni sokuba iphini lemeya kanye nekhansela le-Al Jama-Ah ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili kuphela ngesikhathi ubudlelwano bakhe ne-ANC buba muncu nokwadala ukuthi kwenziwe ukhetho lokuchibiyela.
UNcayiyane ongu-sheik enkolweni yamaSulumane okuyisikhundla esilingana nesikamfundisi uzithembile ukuthi uzowina.
“Ngizobuya sengiyikhansela. Bengingafuni ukuqhubeka nokusebenza njengemeya ngaphansi komfelandawonye we-ANC ne-Al Jama-Ah ngoba ubungabasizi abantu,” etshela i-Scrolla.Africa.
UNcayiyane wawina lesi sigceme ngo-51.76% okhethweni lwanyakenye.
Ezihlalweni zomkhandlu ezingu-21, i-ANC yawina eziyishumi futhi yayidinga ukwesekwa amaqembu amancane azobusa kanti i-Al Jama-Ah yanika i-ANC izihlalo zayo ezimbili ngenxa yesivumelwano sokusebenzisana sikazwelonke phakathi kwala maqembu amabili.
INkatha Freedom Party (IFP) yalandela i-ANC ngezihlalo ezinhlanu, ngesikhathi i-Economic Freedom Fighters (EFF) ithola izihlalo ezimbili.
IDemocratic Alliance (DA) kanye ne-Abantu Botho Congress bathola isihlalo esisodwa iqembu ngalinye.
I-ANC izophoqeleka ukuthi incenge izihlalo kwamanye amaqembu uma yehluleka ukuwina lesi sigceme ngoLwesithathu.
Kodwa-ke, leli qembu lingase likhululeke ngokusebenzisana kwalo nabaholi be-EFF KwaZulu-Natal kanye naseGoli ngenyanga edlule nokuyinto eholele ekutheni kuketulwe uDkt Mpho Phalatse we-DA esikhundleni sokuba imeya kaMasipala waseGoli.
Lesi sigceme sibangwa uSabelo Philile Dlamini (we-ABC), uZethi Zeblon Khopho (we-ANC) uYonela Mzize (we-ATM), U-Allucious Luthando Duma we-Al Jama-Ah, uBenard Mpande (we-EFF), uKhanyisile Mbotho (we-IFP) kanye noMondli Ncayiyane (we-SUN).
Ukhetho lokuchibiyela luzobanjwa e-Western Cape esigcemeni sesihlanu kanye naseKapa esigcemeni sesihlanu kuMasipala wase-Cederberg.
Zombili izigceme bezibuswa i-DA futhi sisale singenabaholi ngesikhathi kunqanyulwa ubulungu bekhansela kuMasipala wase-Cederberg kanti eKapa ikhansela liye lesula esikhundleni.
Imiphumela yokhetho izomenyezelwa ngoLwesine.
Isithombe esingenhla: Izakhamizi zivota okhethweni lokuchibiyela
Source@SimphiweMoyo