Kuzohlukana inhloko nesixhanti kule mpelasonto kwezemidlalo

Dylan Bettencourt

Abathandi bezemidlalo baseNingizimu Afrika kumele balungele usuku olude lokubukwa kwezemidlalo ngoMgqibelo!

Akuvamile ukuthi iNingizimu Afrika ibone ama-Proteas, amaBhokobhoko kanye ne-Soweto Derby ngosuku olulodwa.

Iqembu lesizwe lekhilikithi lidinga ukwesekwa ngokuphelele izwe njengoba lizobhekana ne-England eNdebeni yoMhlaba ye-T20.

Ukuqhubekela phambili kwama-Proteas ngokuya kowandulela owamanqamu kuncike emiphumeleni ye-Australia, kodwa umsebenzi wama-Proteas ulula: ukushaya i-England endizela phezulu. Ukunqoba i-England engakahlulwa kuzothumela umyalezo oqinile wokuthi ama-Proteas azimisele.

Lo mdlalo uzoba kuleli sonto ngoMgqibelo ngehora lesine ntambama. Umdlalo ungabukelwa bukhoma kusiteshi se-DStv 201.

➤ Njengoba sengathi abantu baseNingizimu Afrika ngeke babe matasa ngokwanele ukubuka ama-Proteas, ngemuva kwalokho kuzomele babambe umoya njengoba amaBhokobhoko ezobhekana ne-Wales ekuqaleni kohambo lwawo lwase-Europe.

Iqembu lamaBhokobhoko lizobe liphumele obala ukuze likhombise ukuthi lingawuqeda umdlalo walo omubi e-Wales. Nakuba iNingizimu Afrika inerekhodi elihle kakhulu uma ibhekene ne-Wales, isanqobe umdlalo owodwa kuphela kwemihlanu yokugcina ibhekene naleli qembu e-Principality Stadium e-Cardiff.

AmaBhokobhoko azobhekana ne-Wales, i-Scotland kanye ne-England ekupheleni konyaka ku-European Tour eyingxenye yokulungiselela iNdebe Yomhlaba yowezi-2023 e-France.

Umdlalo phakathi kwamaBhokobhoko ne-Wales uzoqala ngo-7.30 ebusuku ngoMgqibelo futhi ungabukwa bukhoma kusiteshi se-DStv 201.

➤ NgoMgqibelo kuzoqhunyiswa iziqhumane eNingizimu Afrika emdlalweni webhola edume kunayo yonke uma i-Kaizer Chiefs isidudulana ne-Orlando Pirates.

I-Soweto Derby ingenye yombango wamaqembu amakhulu futhi kungakhathalekile ukuthi anjani, lezi zinkunzi zebhola uma zizobhekana mathupha kuhlezi kunombango oshubile njengoba izwe lonke lisuke libukele.

Njengoba la makilabhu amabili ehlezi endaweni yesithupha neyesikhombisa etafuleni, la maqembu ase-Soweto amelwe ukudlala ngokuzimisela kunokudlalela iligi – iqembu ngalinye lilwela ukuzishaya isifuba ngokuba iqembu elihamba phambili e-Soweto.

I-Soweto Derby ingabukwa bukhoma esiteshini se-DStv 202. Umdlalo uzoqala ngehora le-3.30 ntambama ngoMgqibelo.

Izihloko zakamuva