Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umqeqeshi wePirates uRiveiro uthi umdlalo weyomkhaya ukhethekile “noma ngabe sidlalela iligi, isicoco noma isemishi” njengoba iqembu lakhe lihlose ukubamba iSundowns.
Umqeqeshi weChiefs uNabi uzophuthelwa umdlalo ngenxa yokumiswa kodwa umdlali omusha uThabo Cele angase abonakale okokuqala kulo mdlalo ukuze azibonakalise.
Umdlalo omkhulu kunayo yonke ebholeni lakuleli uzoba ngesikhathi i-Orlando Pirates ibhekana neKaizer Chiefs enkundleni yezemidlalo i-FNB ngoMgqibelo.
Womabili amaqembu eza emdlalweni ezizwa ejabule ngefomu yawo yakamuva. IPirates isiwine imidlalo emithathu yokugcina, kanti iChiefs isanda kushaya iFree Agents ngo 4-0 kowe-Nedbank Cup.
IPirates ijaha iMamelodi Sundowns ephezulu etafuleni futhi ihlezi ngemuva ngamaphuzu ayisithupha nomdlalo owodwa engakawudlali IChiefs isisele ngamaphuzu ayisithupha kodwa isidlale imidlalo emithathu ngaphezulu kwePirates.
Iphini lomqeqeshi weChiefs, uKhalil Ben Youssef, ozobe ephethe izintambo ngenxa yokuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi umisiwe, ukholelwa ekutheni iqembu lakhe linganqoba.
“Eyomkhaya inemiphumela ephakathi nendawo kuwo womabili amaqembu, kusho uYoussef. “Sinemibono yethu, banemibono yabo, sizobona […]. Sizonqoba, sizobona ngesikhathi somdlalo.”
Umqeqeshi wePirates uJose Riveiro uyazi ukuthi umdlalo usho konke kubalandeli.
“Owomkhaya uhlukile, ngeke uyifanise neminye imidlalo. Yebo, sike sabhekana nezimo ezingezinhle e-Afrika, kodwa lo mdlalo ukhethekile. Owomkhaya waseSoweto noma ngabe sidlalela iligi, isicoco noma Isemishi, kuzoba okukhethekile uma sibhekene neKaizer Chiefs,” kusho uRiveiro.
Uncome ukuthuthuka kweChiefs kule sizini wathi: “Ngicabanga ukuthi iChiefs idlala kahle kakhulu kule sizini. Angicabangi ukuthi i-log ikhombisa indlela iChiefs edlale ngayo kwiligi kuze kube manje.”
IChiefs ilethe abadlali abathathu abasha abazosiza ukuqeda isomiso seminyaka eyishumi yendebe. Umdlali wasesiswini uThabo Cele kuphela okungenzeka adlale kwi-derby. Umgadli uTashreeq Morris umisiwe, kanti umdlali wasesiswini uGlody Lilepo usalinde imvume yakhe yokusebenza.
IChiefs izophinde idlale ngaphandle kwabadlali abagadli abalimele u-Ashley du Preez noWandile Duba kanti uRanga Chivaviro nguyena ozohola phambili.
Owomkhaya uzokwenza ukuthi kube yimpelasonto ematasa ye-PSL. IRichards Bay izobhekana neMagesi FC empini yokulwela ukigawulwa izembe ngoLwesihlanu ebusuku. NgoMgqibelo iStellenbosch FC izodlala neSekhukhune United, kuthi AmaZulu FC ahlangane neSuperSport United.
NgeSonto, i-TS Galaxy esefomini izokwamukela iCape Town City, kanti iqembu elihola iligi iMamelodi Sundowns izokwamukela iGolden Arrows. ISundowns ayikaze ihlulwe i-Arrows kusukela ngo-2019.
Esithombeni esingenhla: Owomkhaya wase Soweto
Umthombo: @KaizerChiefs