Kuzohlukana inhloko nesixhanti kowe-Soweto Derby

Michael Madyira

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ukuncomile ukwenza kahle kwe-Orlando Pirates kodwa wathi ngeke kubalwe emdlalweni we-Soweto Derby ngoMgqibelo.

La maqembu amabili ase-Soweto azobhekana emdlalweni we-Premier Soccer League enkundleni yezemidlalo i-FNB okokuqala ngqa kule sizini.

I-Soweto derby iza njengoba iChiefs ibilokhu idonsa kanzima futhi ingakaze iwine imidlalo yayo emithathu edlule kuyona yonke imiqhudelwano.

Imbangi yayo iPirates yenze kahle emidlalweni emibili edlule okuhlanganisa nokukhipha iMamelodi Sundowns ku-MTN8 ngendlela egculisayo.

Kodwa uZwane ukuchithile ukungafani kwamaqembu womabili, wathi ukwenza kahle akusho lutho uma kukhulunywa ngalo mdlalo omkhulu wase-Soweto.

“Kusobala ukuthi silindele umdlalo onzima ngempela, ngoba njengamanje iPirates iyazethemba ngoba kade iwina imidlalo ye-MTN8,” kusho uZwane.

“Kodwa uma iChiefs nePirates sezihlangana, ifomu edlule ayisho lutho. Okubaluleke kakhulu ukuthi kwenzekalani ngosuku lomdlalo mayelana nokuthi yiliphi iqembu elidlala kahle nelizogcina lithole amathuba okushaya amagoli.”

Lona kuzobe kuwumdlalo wokokuqala uZwane edlala kwi-Soweto Derby njengomqeqeshi weChiefs kanti nozakwabo wePirates uJose Riveiro kuzobe kungokokuqala eqeqesha kulo mdlalo.

Iphuzu elilodwa kuphela elihlukanisa iChiefs nePirates etafuleni le-PSL. IPirates isendaweni yesine, kanti iChiefs isendaweni yesihlanu.

Ukuhluleka ukuwina imidlalo yakamuva kwenze uZwane aphinde aphekwe ngemibuzo ngekhono lakhe lokuhola iChiefs, kodwa umqeqeshi ubukeka engathukile.

“Ingcindezi iyingxenye yomdlalo. Kimina ukuba ngaphansi kwengcindezi kuyinto elindelekile ngoba ngeke ube nengcindezi uma ungekho endaweni ekahle – indawo ekuthuthukisayo njengomuntu,” kusho uZwane.

“Siyazi ukuthi kuzoba umdlalo omkhulu uma sesibhekene nePirates ngoba izimbangi zethu ezilandelayo zenza kahle kakhulu njengamanje, okuyinto enhle ebholeni lakuleli futhi kuhle kakhulu nakithina.”

Amalungiselelo omdlalo – azoba eqophelweni eliphezulu kakhulu – okuhlanganisa nokuthi iziphathimandla zokuphepha zizobe ziqaphe ukuqhuma kwebhomu kulandela izinsongo ezenziwe nge-Sandton okukhulunywe ngakho ngoLwesithathu ntambama.

Womabili la maqembu ase-Soweto afuna ukufica iMamelodi Sundowns esesicongweni se-log, ebukeka izoqopha irekhodi ngokuwina isicoco seligi okwesithupha kulandelana.

Osesithombeni esingenhla: Ngu-Arthur Zwane

Umthombo wesithombe: @Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva