Kuzohlonishwa izingwazi zomculo kowe-Durban Jazz Festival

Ibhalwe nguLinda Ximba

Njengoba sekuphele iminyaka engu-20 kwasungulwa i-Durban Jazz Festival abahleli bafisa ukugubha lolusuku behloniphe abaculi abangasekho abake badla ubhedu kule minyaka edlule.

Kuzohlonishwa izingwazi ezifana noBra Hugh Masekela owayeshaya icilongo, uRay “Just Now” Phiri noNana Coyote beqembu iStimela, nabaculi uDorothy Masuku noBusi Mhlongo.

Lokhu kuzokwenzeka e-Hazelmere Dam enyakatho yeTheku ngomhlaka-26 kuZibandlela. 

Umgqugquzeli walo mcimbi uMdu Ngcobo uthe babone kufanele ukuthi bahloniphe izingqalabutho ezilethe injabulo kubantu abaningi kule minyaka engu-20 edlule.

“Bahlela ukuthi abantu abasebasha bazocula izingoma ezabenza baduma ngezikhathi zabo. Khona ngeke kube lula, kodwa sihlela ukujabulisa abantu abazobe behambele lo mcimbi,” kusho uNgcobo.

Uthe iqembu lokugcina lizomenyezelwa maduze, kodwa abalandeli bangalindela imisindo efanayo ye-jazz, i-Afro-pop ne-acid jazz ehlale izwakala e-Hazelmere Dam enyakatho neTheku ngomhlaka-26 kuZibandlela. 

“Uhlelo lwalo nyaka luthembisa abathandi bomculo ukuqhamuka nezinto ezintsha kanye nogqozi njengoba silindele abathandi bobumnandi abaqhamuka ngaphandle kwelakuleli abazobe beseholidini ngalesi sikhathi samaholidi,” kusho uNgcobo.

Lo mcimbi uzoqala ngomhlaka-26 kuZibandlela futhi abazohambela umcimbi bayanxuswa ukuthi beze nama-braai stands, ama-cooler box kanye nezambulela ukuze bajabulele indawo nomculo. Kukhona nezikebhe.

Abasesithombeni esingenhla nguBusi Mhlongo noHugh Masekela

Umthombo wesithombe: Crawford.com, BBC and Daily Sun

Izihloko zakamuva