Karabo Rammutla
INkosazane yase-Afrika uYvonne Chaka Chaka no-Abigail Kubeka bazoklonyeliswa ngezindondo ze-Lifetime Awards emcimbini wokuqala we-Basadi In Music Awards.
Izindondo zizokwethulwa kule mpelasonto ngoMgqibelo ngomhlaka-15 kuMfumfu ngo-2022 e-Gallagher Estate Convention Centre.
UKubeka ubelokhu ejabulisa abathandi bomculo eminyakeni edlule ngemuva kokungena kulo mkhakha ngo-1957 eneminyaka engu-16.
Khonamanjalo, uChaka Chaka selokhu aba inkakha kulo mkhakha kusukela ngo-1985.
UKubeka wavakashela e-Europe ngeminyaka yango-1960 ne-King Kong futhi waphelezela izingqalabutho zomculo ezifana no-Abdullah Ibrahim kanye noKippie Moeketsi emidlalweni ye-cabaret kuma-nightclub ase-Hillbrow.
Uphinde wanandisa eqenjini le-Jazzmakers elawina izindondo emhlabeni jikelele.
UKubeka uzothola indodo yakhe ngokubambisana noChaka Chaka.
Lo mculi wayeneminyaka engu-19 kuphela ngesikhathi engena kulo mkhakha nge-albhamu yakhe yokuqala ethi-I’m in Love With the DJ ayeyicula ngokuhlanganyela ne-The Stones.
Lo mculi owashisa izikhotha ngengoma ethi “Umqombothi” uqhubekile nokukhipha ingoma ethi-Thank You Mr DJ ngo-1986 kanye nethi-I’m Burning Up ngo-1987.
Laba bobabili bacule emazingeni omhlaba beculela amakhosi, izindlovukazi kanye noMengameli.
Baphinde bakhombisa ukuthi abakhathalele abantu kuphela ngomculo kodwa nangomsebenzi wokusiza umphakathi.
UChaka Chaka unenhlangano elwela ushintsho kwezempilo nezemfundo emiphakathini yase-Afrika kanye nakuleli.
Uphinde abe iNxusa loMusa lesiKhwama seZingane seNhlangano yeZizwe kanye ne-Roll Back Malaria Partnership ukuze kuqedwe umalaleveva.
UKubeka uqhubekile nokuthuthukisa umsebenzi oncomekayo njengomlingisi, elingisa emidlalweni yasesiteji, ezinhlelweni zakumabonakude kanye nakumafilimu wagcina umsebenzi wakhe uncomeka kakhulu.
Uhlelo lwe-Basadi in Music Awards luzobe luphethwe uNomuzi Mabena kanye no-Anele Zondo e-Gallagher Convention Centre e-Midrand ngoMgqibelo.
Isithombe esingenhla: UYvonne Chaka Chaka no-Abigail Kubeka
Umthombo: Twitter