Okucashuniwe: Ngabe ukuzama ukuwina imiqhudelwano emibili umsebenzi onzima kakhulu kumaBhokobhoko?
I-Rugby Championship noma iNdebe yoMhlaba noma kokubili? Ngabe ukuzama ukuwina le miqhudelwano yomibili kuyiphutha elikhulu? Kubuza uLucky Maree.
Abalandeli bezemidlalo bafuna izinto ngempoqo futhi abalandeli bombhoxo bangase babeyinkinga kakhulu kulokho. Abakuthandi ukuhlulwa.
Kuvame ukuqubuka isiphithiphithi emidlalweni yombhoxo wezikole zamabanga aphezulu lapho abazali, izikhulu kanye nabadlali beqeda usuku ngomdlalo wesibhakela wamahhala ngoba bezonda ukuhlulwa.
Kungakhathaliseki ukuthi umdlalo wesikole, owamanqamu we-Currie Cup noma owe-Wallabies ibhekene namaBhokobhoko e-Loftus Versveld abalandeli bahlezi belindele ukuwina njalo.
Uma kukhulunywa ngamaqembu aseNingizimu Nenkabazwe adlala wodwa amaqembu abelokhu elwa nezinhlelo zokuzilolonga uhhafu womhlaba ukusuka eMpumalanga kuye eNtshonalanga aphinde abuye azodlala umdlalo wombhoxo. Abadlali bagcina bediyazela bezulazula enkungwini becinga ibhola.
Abaphathi bamaBhokobhoko okunguRassie Erasmus noJacques Nienaber sebephinde bathatha isinqumo sokuthi bahlukanise isikwati samaBhokobhoko kabili.
Ukuthi lokho kuyisenzo sobuhlakani noma ukusangana kuncike ekutheni kuyasebenza yini.
Mhlawumbe uRassie noJacques bafuna ukuwina i-Rugby Championship futhi bakulungele ukugembula ngamaqembu amabili (B) anamandla kuneqembu lokuqala (A) elilodwa. Ngakolunye uhlangothi kungase kube indlela yokuhlola ukujula kweqembu ngaphambi kweNdebe yoMhlaba – nokuyinto engase ilahlekisele elakuleli ngesicoco se-Rugby Championship.
Vele sibhekene neqiniso lokuthi abadlali ababili ababalulekile abasezikhundleni ezibucayi abekho. UHandré Pollard uphumile ngenxa yokulimala kanti uSiya Kolisi okhuthazayo uyelulama ngemuva kokuhlinzwa idolo.
Nakuba uKwagga Smith engase abe namandla njengoKolisi akanawo amakhono obuholi kanye nothando njengoKolisi.
Kodwa-ke, amaBhokobhoko awashodi ngabadlali abasefomini enhle abadlala phambili- nokuyinto engeke ishiwo ngomuntu odlala kwinombolo yeshumi.
Njengoba uHandré Pollard efaswe ngamabhandishi njengoba evame ukubonakala sibheke uDamian Willemse noManie Libbok ukuthi bathathe lesi sikhundla ngokushesha. Bobabili bangabadlali abakhulu – uma besenkundleni. Kodwa bobabili abekho efomini ekhuthazayo futhi bobabili bangaphuma maphakathi nomdlalo. Futhi kungazelele ungabona abadlali baka-Elton Jantjies befaka elakuleli ngaphansi kwengcindezi.
U-Erasmus uyaziwa futhi uyahlonishwa ngokwethembeka nokungesinye sezizathu ezenza iqembu limhloniphe. Ukuzibophezela kwakhe kuWillie le Roux ngo-2019 kuyindaba evame ukuxoxwa futhi uma ubheka emuva ubuka imidlalo kaningana kuyakhombisa ukuthi uWillie ubevame ukuxhunyaniswa neminyakazo emikhulu yamaBhokobhoko ngisho nakuma-try. Kodwa kwesinye isikhathi uRassie ubonakala ephusha ukwethembeka kakhulu. Kuzoba mnandi ukubona ukuthi u-Elton uzokwazi yini ukuzibonakalisa ewusizo eqenjini.
Thina balandeli bebhola lombhoxo sizokwazi kanjani ukuthi uRassie noJacques benze isinqumo esifanele ukuhlukanisa isikwati kabili? Phela uma bewina, kunjalo!
Kusele izinsuku ezinhlanu kuphela ngaphambi kokuthi i-Wallabies ka-Eddie Jones ibhekane namaBhokobhoko e-Loftus Versveld. UJones ongumqeqeshi ohlakaniphile uhlezi efihle induku emqubeni kodwa kulokhu akanazo izinto eziningi ezimangalisayo eqenjini lakhe kodwa amaBhokobhoko anethemba elihlukile. Konke kungase kwembulwe – noma mhlawumbe akukho lutho oluzokwembulwa. Silindile.
Esithombeni esingenhla: USiya Kolisi