Lubhalwe nguMichael Madyira
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bazobhekana emdlalweni omkhulu webhola lakuleli womkhaya baseSoweto.
IChiefs izokwamukela izimbangi zayo enkundleni yezemidlalo i-FNB ngoMgqibelo.
Kuningi okusengcupheni kusukela ekuziqhayiseni kwe-derby kuya ekukhuphuleni umdlandla wabo wokudlala kwi-CAF Champions League ngesizini ezayo.
I-Scrolla.Africa sibheka ezinye izimpi ezibalulekile ezingaba nezwi kulo mqhudelwano.
Inhlanganisela kaSaleng, uLorch kanye noDzvukamanja.
Laba badlali abathathu bePirates bajabulela ifomu yabo enhle yakamuva.
UMonnapule Saleng ubambe iqhaza emagolini amaningi ePirates kunanoma yimuphi umdlali kule sizini njengoba eshaye amagoli ayisishiyagalolunye wasiza kwamahlanu kuyo yonke imidlalo.
Njengoba uThembinkosi Lorch esebuyile ekulimaleni ukuze ezoshintsha izinto angase aphazamise iChiefs ngendlela enza ngayo ngoNhlolanja ngo-2019.
USaleng noLorch abadlala emaceleni uma bezohlangana noTerrence Dzvukamanja odlala phambili bayinhlanganisela enhle yokuhlula iChiefs.
Impi eqinile yasesiswini
La maqembu ase-Soweto azohlangana ngesikhathi lapho amaqoqo awo anemidlalo emihle, ikakhulukazi maphakathi nenkundla.
IChiefs ithole uzinzo kuSiyethemba Sithebe noYusuf Maart abadlala kahle emuva futhi yibona abaqalisa ukuhlasela.
IPirates nayo inegumbi lenjini elisebenza kanzima njengoba uMiguel Timm noNdabayithethwa Ndlondlo bedlala imidlalo emihle kakhulu.
Impi eyingqophamlando phakathi nenkundla izoba khona futhi ingase inqume umdlalo wangelelo langa.
Ukuzivikela kwePirates okuthuthuke kakhulu
Kumasizini adlule iphutha elikhulu lePirates ukuthi ibingenabo abadlali abasefomini enhle abadlala emuva.
Kodwa bathuthuke kakhulu emuva kule sizini bahlohla amagoli angu-15 emidlalweni engu-20 yeligi okungokwesine ngokubaphansi kakhulu kulo mqhudelwano.
Ukuzivikela kwePirates okuqinile kungabathwala ngalolu suku.
UKeagan Dolly uphoxile kweminye imidlalo kodwa ifomu yakhe ayisoze yathikamezeka nakancane futhi useke wazibonakalisa ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu.
Njengoba uMduduzi Shabalala enza ngcono emdlalweni ngamunye, angakwazi ukusebenzisana noDolly kanye nomdlali osayine ngoMasingana uChristian Saile Basomboli ukulimaza iPirates.
Impi ezoba phakathi kukaZwane noRiveiro
Kunjalo umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane kanye nomqeqeshi wePirates uJose Riveiro kuzomele babe bukhali ekuhleleni itulo.
URiveiro osamisiwe uzozama ukwedlula uZwane ngobuchule.
Esithombeni esingenhla: IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs