Kuzogujwa usuku lwezicishamlilo edolobheni laseGoli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

I-Brotherhood Club SA izobe igubha isuku lwe-International Firefighters oluzoba mhla zizine kuNhlaba.

Isikhulu sezicishamlilo edolobheni laseGoli, uShelly Chabalala uthe lolu suku lunendawo ekhethekile ezinhliziyweni zalabo abasebenza umsebenzi wezicishamlilo ezweni lonke.

“Ngalolu suku, sikhumbula abacimi bomlilo ababenesibindi abalahlekelwa yizimpilo zabo ngesikhathi besiza imiphakathi yabo kanye nalabo abaqhubeka nokuzinikela kulo msebenzi omuhle.”

Usuku lwe-International Firefighters lasungulwa ngo-1999 kulandela ukushona kwabasebenzi bezicishamlilo abahlanu ngesikhathi bezama ukucisha umlilo e-Australia.

“Lolu suku luyisikhumbuzo sokuzinikela kanye nezingozi abezicishamlilo ababhekana nazo nsuku zonke ukuze baqinisekise ukuphepha kwemiphakathi yethu kanye nemvelo.”

UChabalala uthe bayawabona amagalelo abo bonke abasebenzi bezicishamlilo abadlule nabamanje abasakhombisa ukuzinikela okungaguquki kanye nokuziphatha kahle emsebenzini wabo.

“Sibonga kakhulu ngokuzinikela kwabo nokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zakuleli ziphephile.”

USihlalo we-Brotherhood, uJimmy Mandla Nyalungu uthe ukuze bagubhe lolu suku ngendlela ehlukile idolobha laseGoli lihlele izinto ezithile enkabeni yedolobha.

“Sizomasha sisuka emahhovisi akwaMasipala siya eNkundleni yaseLilian Ngoyi kanti izicishamlilo zizobe zihamba eduze kwezimoto phambi komphakathi futhi zihlonipha abezicishamlilo asebasishiya emhlabeni.”.

Uthe kuzoba nemikhombandlela yemisebenzi futhi kuzoba nemibukiso yabafundi bezikole zamabanga aphezulu ezikhethiwe abanentshisekelo yokuba yizicishamlilo ngokuzayo kanjalo nokukhula ngaphakathi.

Kuzophinde kube nemicimbi yangaphandle enkundleni yezemidlalo lapho abezicishamlilo bezokhangisa ngemisebenzi yabo yansuku zonke bese kunikezwa amakhandlela aphephile emphakathini.

“Ngalolu suku, uMnyango uzocela wonke umuntu ukuthi azinike isikhashana ukukhombisa nokuhlonipha amaqhawe aphinde akhombise ukweseka izicishamlilo ezinesibindi eziqhubeka nokwenza umsebenzi onzima.”

“I-Brotherhood Club SA iyaziqhenya ngokumataniswa nosuku lwe-International Firefighters. Sizimisele ngokweseka izicishamlilo zethu emsebenzini wazo.”

Isithombe esingenhla: Ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla amalungu e-BrotherhoodClub SA: UMaswazi Nongomas Finest Mdhuli, uGerald MasterGee Moswathupha, uRobert Mulaudzi noJimmy Mandla Nyalungu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva