
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Ukuntengantenga kwezombusazwe ezinyangeni eziyishumi ezedlule kumasipala waseGoli kufake lo mkhandlu esikweletini sika-R9.6 billion.
Lokhu kuvezwe ikhansela uDada Morero oyilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezezimali ngesikhathi ethula isabelomali sikamasipala semali engu-R80.9 billion.
Ngemuva kokudalula isimo esingesihle sezimali uMorero ukubeke kwacaca ukuthi abakhokhi bentela bazobhekana nenkinga ngenxa yokuntengantenga kwezombusazwe okudalwe imifelandawonye kulo masipala.
Umemezele ukwenyuka kwentela yezindlu ngo-2%, amanzi ngo-14.97%, ugesi ngo-9.3%, ukukhucululwa kwendle ngo-9.3% kanye no-7% wezindleko zokuthuthwa kwemfucuza.
UMorero uyindoda okwakufanele ngabe iyimeya kodwa izinkinga zokwethembana ezingakaxazululwa umfelandawonye we-ANC ne-EFF usho ukuthi alikho iqembu lezombusazwe kulawa amabili elingakwazi ukuthola isikhundla sobumeya.
La maqembu avumelana ngokukhetha “imeya ewunodoli” efana noKamelo Gwamanda we-Al Jama-ah oqembu lakhe elinezihlalo ezimbili kuphela emkhandlwini onezihlalo ezingu-270.
Umasipala usuphathwe izimeya ezinhlanu ezahlukene ezinyangeni eziyishumi ezedlule kanti iqembu ngalinye lisola obeliphethe phambilini ngokuphanga nokungaphathi kahle izimali zikamasipala.
UMorero osebenze inyanga eyodwa njengemeya ngemuva kokususwa ngokungemthetho kwemeya ye-DA, uMpho Phalatse uqhathanise umbuso we-DA nabahlomule nge-lotto abadla imali kabi.
Ukuwa kwabo kubhalwe ohlelweni lukamabonakude oludumile lakuleli olubizwa nge-I Blew It.
Usole umbuso we-DA ngokudla imbuya ngothi ekuqoqweni kwemali okwenza umasipala ungene ezinkingeni njengoba imali engenayo yehle isuka ku-R6.6 billion ngoNhlangulana ngo-2021 yaya ku-R3.8 billion ngoNhlangulana nyakenye.
NgoLwesibili, uMorero wethule isabelomali sezindleko zokusebenza semali engu-R73.3 billion no-R7.6 billion ebekelwe imiklamo yezindleko ezinkulu.
“Sidinga okungenani u-R4.3 billion ngenyanga ukuze kuxhaswe ukusebenza kukamasipala kanye nokulethwa kwezidingongqangi ukuze siphile njengabantu baseGoli,” kusho uMorero.
Isikhathi sidliwe inja kulo mkhandlu ohlukene phakathi okumele uphasise isabelomali ngesikhathi somhlangano wokuvota ngoLwesithathu.
Kuyimanje i-ActionSA yenze isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya futhi iqoqe amaqembu aphikisayo amaningi ukuthi ehlise uGwamanda esikhundleni.
Esithombeni esingenhla: Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezezimali kumasipala waseGoli lithi lo masipala unezinkinga zezimali
Umthombo wesithombe: CityofJoburgZA