Kuzodayiswa ibhola legoli ‘lesandla sikaNkulunkulu’ elashaywa nguMaradona

Razeen Gutta

Ibhola uDiego Maradona ashaya ngalo igoli eladuma ‘ngesandla sikaNkulunkulu’ bedlala ne-England eNdebeni yoMhlaba ka-1986 lizongena endalini ngenyanga ezayo ngemali elinganiselwa ku-R60 million.

Unompempe wangaleso sikhathi u-Ali Bin Nasser owahluleka ukubona ibhola lesandla e-Mexico City uyena ophethe ibhola futhi uthe ubona sekuyisikhathi esihle manje sokuba alidedele.

UBin Nasser wengeze ngokuthi unethemba lokuthi umthengi uzolibeka endaweni elizobonwa khona abantu futhi akhulume nangonompempe owanquma ukuthi igoli alizange lifakwe eminyakeni engamashumi amathathu edlule.

“Angisibonanga kahle lesi sigameko abadlali ababili uShilton noMaradona babebheke mina ngemuva. 

Njengokwemiyalelo ye-Fifa eyakhishwa ngaphambi komqhudelwano ngabheka kumsizi wami ukuze ngiqinisekise ngaleli goli wabuyela kumina ekhombisa ukuthi ugculisekile ngegoli,” kusho lo wase-Tunisia, kubika i-The Guardian. 

“Ekupheleni komdlalo umqeqeshi ongumphathi wase-England uBobby Robson wathi kimi wenze umsebenzi omuhle, kodwa umsizi wakho ube budedengu.

Ijezi likaMaradona nalo lisanda kuthengiswa ngenani elimangalisayo lika-R140 million kanti njengoba ibhola lizodayiswa i-Graham Budd Auctions ngomhlaka-16 kuLwezi abathengi balindele ukuthi kushube kakhulu uma sekuqalwa ukubhida.

“Ngomlando othinta ibhola silindele ukuthi babe baningi abantu abafisa ukubhida,” kusho uBudd.

Isithombe esingenhla siveza isigameko sesandla sikaNkulunkulu. 

Umthombo wesithombe: @FootyAccums

Izihloko zakamuva