
Celani Sikhakhane
Usuku lokugcotshwa kweSilo samaBandla, uMisuzulu kaZwelithini seluqokiwe. Luzoba sekupheleni kukaNhlaba.
Lo msebenzi obalulekile uzokwenziwa ngomhlaka 28 kuNhlaba.
“Ngiyabona ukuthi indlu yaseNdlunkulu inqume ukuthi umcimbi iwenze ekupheleni kukaNhlaba kulonyaka esigodlweni eNyokeni. Le ncwadi iqinisekisa ukuthi ngiyamenywa ukubamba iqhaza emcimbini ozoba khona ngomhlaka-28,” kusho uMengameli uCyril Ramaphosa encwadini ayibhalele uMntwana wakwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthe ngeke aphawule ngalolu daba kuze kube ikomidi liyahlangana.
“Angiyazi le ncwadi kodwa ikomidi laseNdlunkulu liyahlangana ngoLwesihlanu ukudingida udaba lokugcotshwa kweSilo, ngakho-ke ngizokwazi ukuphumela obala ngendlela eya phambili uma kuqedwa ukudingidwa lolu daba,” kusho uMntwana uThulani.
INgonyama kaZulu yagcina ukugcotshwa ngonyaka ka-1971 ngesikhathi iSilo esesakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sithatha ubukhosi kuyise iSilo uBhekuzulu Bhusha kaSolomon.
ISilo uZwelithini singene esihlalweni sineminyaka engu-21 kanti iSilo uMisuzulu sona sizongena esihlalweni sineminyaka engu-48.
NgoLwesithathu iSilo uMisuzulu samukele izipho zesintu ezivela kwingoduso yaso uNdlunkulu Ntokozo kaMayisela owaya kwaKhangelamankengane esigodlweni eyokwenza ingqibamasondo lapho umakoti ehambisa izipho kubo kamkhwenyana. Lokhu kuyingxenye yokwakhiwa komshado.