Kuzobuya ithemba kubasebenzi bamabhasi ngokuqashwa komphathi omusha abalindele ukuthi alungise izinto

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abasebenzi base-North West Transport Investment bahlale izinyanga bengaholi banquma ukubhikisha ukuze uhulumeni athathe izinyathelo.

Obengumphathi (Business Rescue Practitioner) ukhishwe ngemuva kokwehluleka ukwenza uhlelo noma ukuchaza ngokusetshenziswa kwemali.

Umphathi omusha (Business Rescue Practitioner) uqokwe ukuthi azame ukusindisa i-North West Transport Investment (NTI) edonsa kanzima.

UMahomed Mahier Tayob usethathe izintambo ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yase-Gauteng ikhiphe isinqumo sokuthi uThomas Hendric Samons aphume esikhundleni, njengoba ehlulekile ukuguqula inkampani yamabhasi.

I-NTI ibhekane nezinkinga ezinkulu zemali kusukela ngoNtulikazi ka-2022, abasebenzi bavame ukuhlala izinyanga ezinhlanu kuya kweziyisikhombisa bengaholi.

Ngamaholidi kaZibandlela abasebenzi bateleke amasonto amathathu, abagibeli basale dengwane. Baze bamashela esiShayamthetho sase-Mafikeng beyofuna umholo wabo bacela uhulumeni wesifundazwe ukuthi angenelele.

Okhulumela uMnyango wezokuPhepha nokuThutha koMphakathi e-North West uCharles Matlou uthe uSamons bekumele aqhamuke nohlelo lokuhlenga inkampani zingakapheli izinsuku ezingu-25 zokusebenza, kodwa akazange akwenze lokho.

“Uhlulekile ukuziphendulela ngemali uhulumeni ayikhokhela le nhlangano,” kusho uMatlou.

Kungaleso sikhathi lapho uMnyango uye eNkantolo eNkulu yase-Gauteng ePitoli uyomkhipha. USamons uzame ukusidlulisela phambili lesi sinqumo, kodwa inkantolo yakhipha isicelo seSigaba-18 sokuphoqelela lo lokhu. Ngomhlaka-27 kuNdasa ka-2025 kukhishwe isinqumo sokumsusa ngokusemthethweni.

UNobhala Jikelele we-SAWU Ya Bashumi, uLebusa Mamaregane, uthe i-BRP entsha kumele isebenze ngokushesha.

“Sifuna ukubona le nkampani ibuyela esimeni sayo ngaphambi kokuthi ihlaselwe yinkohlakalo nokusetshenziswa budedengu kwezimali,” usho kanje.

“Asifuni ukubona inkampani ichithwa njengoba kuzothinteka abasebenzi abangaphezu kuka-100 kanti nabagibeli abathembele ezinsizeni nsuku zonke bazophazamiseka.

“Into yokuqala okumele yenziwe ukusungula uhlelo lokukhokhela abasebenzi imali yabo kusukela kuqale unyaka,” kusho uMamaregane.

Esithombeni esingenhla: Amabhasi.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva