Kuzobhekana izinkunzi kowe-Junior featherweight

Linda Ximba

Amehlo azobe ethe njo empini yesibhakela. 

Ama-Trilogies ayintandokazi kubalandeli besibhakela. Muva nje, izimpi ezintathu phakathi kukaTyson Fury noDeontay Wilder zidonse amehlo abalandeli emhlabeni jikelele.

Manje, iNingizimu Afrika izoba nomdlalo wayo.

Abathandi besibhakela bakuleli sebevele basemaphethelweni abo njengoba belindele umdlalo wesithathu nowokugcina phakathi kukaThato Bonokoae no-Innocent Mantengu e-Mpumalanga ngoLwesihlanu.

Sizobe sisengozini isicoco sikaBonokoane se-WBF Intercontinental junior featherweight.

Le mpi yesithathu izoba nompetha wokugcina njengoba imihlangano emibili edlule ishiye abalandeli behlukene phakathi.

Emqhudelwaneni wawo wokuqala wokuhlungela isicoco se-SA junior featherweight esingenamuntu, amajaji enze iphutha ngesikhathi ememezela impi ngokulingana. Imithetho ibike ukuthi owinile kumele kuthathwe isinqumo ngalolo suku ngoba isicoco asinamuntu.

Abaningi babona sengathi uBonokoane wenze okwanele ukuthi angasithola kanti abanye bebefisa ukuthi sinikwe uMantengu.

Empini yabo yesibili, uMantengu wanqoba – kodwa namanje bekukhona umsindo wokucasuka ezindaweni ezithile zomphakathi.

Manje njengoba sebelungiselela ukubhekana esiwombeni sabo sesithathu, bobabili abashayisibhakela sebememezele le mpi.

“Kuzoshunqa uthuli,” kusho uBonokwane wase-Gauteng.

“Sekuyisikhathi sokuthi ngilungise amaphuzu futhi ngikhombise izwe ukuthi ngiyi-junior featherweight ehamba phambili.

UMantangu ube nenhlanhla kodwa kulokhu ngizomvala umlomo.”

UMantengu wase-KZN uziphendulele wathi isitha sakhe kumele samukele ukuthi luselude uhambo okumele aluhambe.

“Ngizobe ngifuna ibhande lakhe ngemuva kokuthi ngilahlekelwe elami ngasekuqaleni konyaka. Ngizomkhombisa ukuthi ungumfanyana nje – omncane.”

UBonokoane uzishaya isifuba ngenhlanganisela yokubekezela namandla azokwengeza kwijubane lakhe. 

UMantengu, onguthisha ngokomsebenzi, ubusiswe ngezandla ezisheshayo, amehlo abukhali namakhono ahlukene. 

Kulo mqhudelwano we-Joy4Joy Promotions ose-Banquet Hall e-Middelburg, kunomqhudelwano we-SA lightweight. UChamp Tshifhiwa Munyai uvikela inselelo eyimpoqo ku-Aphiwe Mboyiya. UXolani Mgidi noSam Sithole bazobanga ibhande le-Mpumalanga junior-welterweight.

Izihloko zakamuva