Kuzobekwa izivimbamgwaqo ukuqapha izenzo zobugebengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

  • UMasipala iBig 5 Hlabisa uqinisa imizamo yokunqanda ubugebengu nokushushumbiselwa kwabantu e-Mozambique, njengoba kuhlelwe izivimbamgwaqo ngamaholidi kaZibandlela.
  • Ukusebenzisana nabezomthetho, okuhlanganisa noKlebe, kwenzelwa ukulwa nokuwela umngcele ngokungemthetho kanye nokushushumbiswa kwezimpahla ezebiwe e-Kosi Bay ziye emazweni angomakhelwane.

Umasipala iBig 5 Hlabisa uqinisa impi yokulwa nobugebengu ukuze kugwenywe ukushushumbiswa kwezimpahla ezebiwe ziyiswe ezweni elingumakhelwane i-Mozambique.

Ezinye zezigameko zokulwa nobugebengu zihlanganisa ukuvimba abaphuma emazweni angaphandle abeqa umngcele beya e-Mozambique bedlula e-Kosi Bay.

Lokhu kuvezwe iMeya uComfort Khumalo emhlanganweni womphakathi obusesigodini saKwaMnqobokazi ngaphandle kwaseHluhluwe enyakatho yeKwaZulu-Natal.

UKhumalo uthe ubugebengu buphezulu kakhulu endaweni.

“Njengoba sekusondela amaholidi kaKhisimusi, sizofaka izivimbamgwaqo emigwaqeni emikhulu ukuze siqinisekise ukuthi azikho izigebengu ezidlula kule ndawo zingabonwa,” kusho uKhumalo.

Umasipala bakwaHlabisa ungenye yezintuba eiya e-Mozambique edlula e-Kosi Bay.

Ephendula umbuzo ayewubhalelwe iphalamende, owayenguNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, udalule ukuthi kusukela ngoNtulikazi nyakenye, i-Border Management Authority itshale onogada abaqeqeshiwe basemngceleni abangu-33 abangaphansi kwechweba lase-Kosi Bay ababhekelele ukuphatha ukuhamba nokudluliswa okusemthethweni kwabantu nezimpahla.

UKhumalo uthe abantu banqamula endaweni yabo ngokungemthetho beya eSwazini nase-Mozambique.

“Silwa nobugebengu futhi sifuna ukuqeda ubugebengu – hhayi abaphuma emazweni angaphandle abangekho emthethweni kuphela kodwa nezakhamizi zethu,” kusho uKhumalo.

Indawo yakwaHlabisa iseduze namazwe angomakhelwane baseNingizimu Afrika.

Kuke kwatholakala amalambu akhanyiswa ngelanga okwakungowamasipala waseThekwini ayebiwe abiza imali engaphezu kuka-R1.8-million kwaHlabisa.

Nyakenye, oKlebe babamba iqhaza emngceleni wase-Kosi Bay ngesikhathi bemisa imoto eyayidonsa inqola. Imoto yayiphuma eNingizimu Afrika ilibangise e-Mozambique inabantu abaphuma emazweni angaphandle ababengenazo izincwadi ezifanele.

“Sisebenzisana noKlebe namaphoyisa akwa-SAPS ukwenza isiqinisekiso sokuthi sibhekana nezigebengu ezingebona abaphuma emazweni angaphandle abangena ngokungemthetho kodwa nabo bonke abangahambisani nemithetho yakuleli,” kusho uKhumalo.

Esithombeni esingenhla: Imeya yakwaHlabisa Big 5 uComfort Khumalo ekhuluma namalungu omphakathi mayelana nesivimbamgwaqo esimelene nokuwela imingcele ngokungemthetho.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva