UMengameli uCyril Ramaphosa usekhethe umhla zi-1 kuLwezi njengeholidi esizweni sonke njengoba kuza ukhetho lohulumeni bendawo ngonyaka wezi-2021.
UMengameli unxuse abaqashi ukuba benze amalungiselelo ukuze abasebenzi bakwazi ukuvota ezindaweni ezahlukahlukene zokuvota ezweni.
Isitatimende sithi abazovota bazovumeleka ukuvota esikhungweni sokuvota lapho ababhalise khona.
“Abazovota bayakhunjuzwa ukuthi bazokwazi ukuvota kuphela esikhungweni ababhalisa kuso”.
“UMengameli unxuse abazovota ukuba benze isiqiniseko sokuthi bayayilandela imigomo ye-Covid-19 yezempilo njengoba besebenzisa ivoti labo,” kuyaqhubeka.
Uhlu lwabazongenela ukhetho olusha luyatholakala kwi-website ye-IEC.