Kuzobe kunguwafa wafa ezinkundleni zezemidlalo kulempelasonto

Lubhalwe nguLucky Maree

Isimo sezulu sicwathile, inkundla yinhle ngendlela obekungalindelekile, kanti inkundla yaseKapa ukusuka ohlwini lwangaphambili kuya esihlalweni sokugcina esigabeni esiphezulu amathikithi asedayiswe wonke.

Umdlalo wamanqamu we-United Rugby Championship (URC) uzobe udlalwa ama-Stormers ne-Munster ngoMgqibelo ngo-6.30 ntambama.

Njengoba iqembu lasekhaya ama-Stormers liyizintandokazi njengamanje, kodwa enkundleni kusa ngokunye.

Le ingeminye yemidlalo lapho umzingeli engagcine ezingelwa naye. Womabili la maqembu abe nenhlanhla, kodwa kubukeka sengathi azimisele ukuyibamba ishisa insimbi.

Ngandlela thize, ama-Stormers angene cishe kuyo yonke imidlalo yawo ye-URC njengompetha. Mhlawumbe yingoba amaqembu akuleli, ama-Sharks, ama-Lions nama-Bulls, awazange athole udumo. Kodwa indlela yama-Stormers ebiqonde kowamanqamu ikhombisile ukuthi bazimisele futhi bayakwazi ukwenza umsebenzi omuhle uma kuvalulekile.

Umqeqeshi uJohn Dobson cishe owaziwa ngokumamatheka, ubelokhu efuna ukuthola okungcono kakhulu kubadlali ngamunye ngamunye kanye neqembu lilonke.

I-Munster, naye kudingeke ukuthi ilwe ikakhulukazi sekusondele ngasemaphethelweni.  Bakhombise ukuthi ama-Irish njengabadlali bezemidlalo badume ngani kanye nesizwe sabo. UGraham Rowntree uqeqeshe iqembu lakhe lafinyelela esicongweni ngesikhathi esifanele.

UDenis Leamy utshele i-PlanetRugby ukuthi imidlalo yasekuhambeni iqinise iqembu.

“Kuyinselelo enkulu ukuya ezindaweni ezifana ne-Glasgow, Leinster, ukuza kuleli nazo zonke izindawo esizihambile.”

“Kodwa sizimisele ngendlela efanele sashaya esidume ngakho.”

Uma ubuhlela ukushada ngoMgqibelo, vele uhlehlisele impelasonto ezayo ngoba uzophazamiseka futhi akukho nesivakashi sakho esizovela.

Lo mdlalo uzoba ku-DStv channel 201 ngo-6.30 ntambama (hhayi esontweni).

➤ Usuku lokugcina lwesizini ye-Premier League kuzobe kungu wafa wafa.

Wonke amaqembu angu-20 azobe edlala shuthi kuzoba imidlalo eyishumi ngo-5.30 ntambama ngeSonto.

I-Everton, i-Leeds United noma i-Leicester City iwona amaqembu angase abambe indawo yokugcina, kodwa iliphi iqembu elizohamba phambili?

I-Tottenham ne-Aston Villa bazolwela indawo yokugcina yebhola lase-Europe, i-Uefa Conference League okusho ingozi ku-Leeds ezokwamukela i-Spurs emdlalweni wayo wokugcina.

I-Leicester City izovakashela i-Bournemouth kanti i-Everton izobhekana ne-West Ham njengoba abadlali abajwayelekile be-Premier League bezobe belwela ukusinda.

Umdlalo wosuku lokugcina uzokhonjiswa ku-DStv channel 203 ngo-5.30 ntambama ngeSonto ebusuku.

➤ I-Formula 1 iyabuya ngenuva kokuba i-Imola Grand Prix yase-Italy ihoxiswe ngempelasonto edlule ngenxa yezikhukhula esifundeni sase-Italy.

Kule mpelasonto abashayeli nezihlabani bajikela kwisekethe yomlando i-Monaco.

Iseshini yokuhlunga isakhona futhi izoqhubeka ngempelasonto njengoba kwaziwa kahle ukuthi ukudlula isekethe ye-Monaco kunzima. Lo mdlalo uzoba ngehora lesine ntambama ngoMgqibelo. Umjaho olandelayo uzoba ngeSonto ngehora lesithathu ntambama.

I-Monaco Grand Prix izoba bukhoma ngempelasonto yonke ku-DStv channel 215.

Isithombe esingenhla: Ama-Stormers ejabula

Umthombo wesithombe: Ama-Stormers

Izihloko zakamuva