Kuzobe kugade amaphoyisa ezikhungweni zokuvota

Lungani Zungu

UNgqongqoshe wamaphoyisa, uMnumzane uBheki Cele, useqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi amaphoyisa azoyivimba yonke imizamo yokuphazamisa ukhetho lwangoMsombuluko.

“Sisebenzela ukuqinisekisa ukuthi ukhetho lukhululekile, luphephile futhi aluchemile njengomnyango wamaphoyisa. Alukho uhlobo lokuphazamiseka oluzobekezelelwa,” kusho uCele etshela i-Scrolla.Africa ngeSonto.

UCele ubeseThekwini ngeSonto emuva kwezinxushunxushu ezikhungweni zokuvota eMzinto nase-Camperdown ngaseMgungundlovu ngoMgqibelo.

Abasebenzi beKhomishini yoKhetho (i-IEC) bavinjelwe ukungena ezikhungweni zokuvota eMzinto, eningizimu yaKwaZulu-Natali, nase-Camperdown ngempelasonto.

UCele ukhiphe isexwayiso esishubile, wathi abantu abazozama ukuphazamisa ukhetho bazobhekana nengalo yomthetho.

“Uma abantu bekhetha ukwephula imithetho sizobavalela,” kuxwayisa uCele.

Uthe iKwaZulu-Natali, i-Gauteng ne-Western Cape yizona zindawo ezinodlame lwezepolitiki.

IKwaZulu-Natali, kubulawe abantu abayisithupha esigamekweni okukholakala ukuthi sihlobene nepolitiki, kusho uCele.

“Sisebenza ubusuku nemini ukuze kuboshwe ababulali. Kukhona umkhondo esinawo.

“Ngeke sivumele izwe lethu libuyele emuva ezikhathini zodlame lwezepolitiki,” kusho uCele.

Ngaphandle kweTheku noMgungundlovu, uCele uthe uNongoma noLundi ngezinye zezindawo ezihlonzwe njengezindawo ezishisa izikhotha.

Okhulumela i-IEC, uKate Bapela, uthe ukhetho luzobe lukhululekile, lunobulungiswa futhi luphephile.

“Sizokwenza isiqiniseko sokuthi akekho umuntu ophucwa ilungelo lakhe lentando yeningi lokuvota.

“Sisebenzisana kakhulu namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi ukhetho lwangoMsombuluko luphephile,” kusho uKate.

Izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zizophuma ukuyovota okhethweni lwangoMsombuluko.

Imiphumela izomenyezelwa ngoLwesine. 

Izihloko zakamuva