Kuzoba uwafa wafa njengoba amaqembu elwela ukungena emzuliswaneni olandelayo

Dylan Bettencourt

Njengoba kuzoqala imidlalo yokugcina yamaqoqo e-Afcon, amaqembu amaningi azobhekana nemidlalo okumele ayinqobe uma ezodlulela esigabeni somkhumulajezi.

➤ NgoMsombuluko i-Cameroon izobhekana ne-Cape Verde njengoba izwe elizosingatha leli qembu selidlulele emzuliswaneni olandelayo, kanti i-Cape Verde idinga ukunqoba uma ifuna ukuthola indawo yesibili eqoqweni elilandelayo.

I-Burkina Faso izobhekana ne-Ethiopia emdlalweni okufanele iwunqobe  njengoba izimbangi ze-Burkina Faso sezikhishiwe kwi-Afcon. Ku-Group A kungase kube khona amaqembu amathathu aphezulu aqede ngamaphuzu ayisithupha okuzoqinisekisa ukudlulela esigabeni samaqembu angu-16.

➤ NgoLwesibili i-Guinea izobhekana ne-Senegal kodwa njengoba i-Malawi izobhekana ne-Senegal, bangase badlale ngokuzimisela bawathathe wonke amaphuzu amathathu lokho okungabeka i-Senegal engcupheni yokuphuma kulomqhudelwano.

NgoLwesibili i-Ghana izodinga amaphuzu amaningi njengoba izobhekana ne-Comoros uma ifuna ukuqhubeka nomqhudelwano ngemuva kokwehluleka ukunqoba imidlalo yayo emibili yokuvula.

I-Morocco enamaphuzu amaningi ukuthi ingadlulela phambili izobhekana ne-Gabon, engakaze ihlulwe kulomqhudelwano, njengoba lomdlalo ubonakala uzoshuba.

➤ I-Egypt izobe inethemba lokugwema ukuphoxeka ngoLwesithathu uma isibhekene ne-Sudan.

I-Egypt, esinqobe imiqhudelwano eminingi, isanqobe umdlalo owodwa yahlulwa kowodwa. Ukudlala ngokulingana ne-Sudan kungase kunganeli ukuthi kuyibeke emzuliswaneni olandelayo.

➤ NgoLwesine usuku lokugcina lomdlalo wamaqoqo nokuyindlela efanelekile ukuqeda lomqhudelwano ngokuqhatha amaqembu amabili aphambili i-Ivory Coast ne-Algeria njengoba bezodlala ndawonye. I-Algeria ayikanqobi nowodwa umdlalo futhi ihlezi emsileni eqoqweni layo.

I-Algeria ephethe isicoco njengamanje ingase ibhekane nomnyango wokuphuma noma ingashaya i-Ivory Coast, ezobe ibheke ukukhipha ompetha ukuze ithuthukise amathuba ayo okunqoba i-Afcon.

Yonke imidlalo ye-Afcon kuleli sonto ingabukelwa bukhoma ku-DStv channel 202 no-203 ngalamahora ahleliwe u-3pm, u-6pm kanye no-9pm ntambama.

Umthombo wesithombe: @TheNewArab

Izihloko zakamuva