Nkhensani Mthombeni
Amaqembu ogogo azoqhudelana kumqhudelwano wokuqala ngqa we-Grannies International Football Tournament elokishini lase-Nkowankowa e-Limpopo ngoNdasa ngonyaka ka-2023.
Kulo mqhudelwano obizwa nge-Gift kuzobe kuhlangene amaqembu angu-32 kulo mqhudelwano wezinsuku ezintathu okuzokuba namaqembu angaphandle angu-23 namaqembu ayisishiyagalolunye akuleli esifundazweni ngasinye azolwela ukunqoba.
Amazwe afana neMelika, i-Togo, i-France, i-Mozambique, i-Ghana ne-Lesotho azobe emelwe kulo mqhudelwano.
I-Gift isineminyaka engu-15 yaqala lolu hlelo. Yasungulwa ngesikhathi i-Vakhegula Vakhegula noma iqembu lebhola le-Grannies Grannies lisungulwa ngo-2007.
Umsakazi ophinde abe i-Philanthropist uBeka Ntsanwisi usungule leli thimba ngesikhathi esohlelweni lokunakekela asebekhulile kuleli lokishi.
Uqale ukwethula ibhola njengendlela yokugcina izalukazi zikhuthele futhi ziphilile kanti ngemuva kwalokho laphenduka iqembu elamukela abadlali abaneminyaka engu-60 nangaphezulu.
Ngemuva kokubona ukuba ngcono kwempilo yabadlali uNtsanwisi usungule amaqembu amaningi ezweni lonke ngaphambi kokusabalala e-Mozambique.
Manje i-Vakhegula Vakhegula ineligi ekhokhelwayo njengoba beqhubeka nokuzimisela ogogo.
Eminyakeni edlule abanye ogogo bakuleli bathole ithuba lokuhlangana noBarack Obama eMelika baphinde bahambela iNdebe Yomhlaba ye-Fifa e-Brazil nase-Russia.
Ngokusho komgqugquzeli uSam Ntsanwisi, lo mcimbi wamazwe ngamazwe uzobe ukhangisa ezokuvakasha emalokishini wathi kuyabajabulisa ukukhombisa ithalente lakuleli ezweni elihle.
Umqhudelwano wokuvula lo mdlalo wokuqala uzoba enkundleni yase-Nkowankowa ngomhlaka-26 kuNdasa ngonyaka ka-2023 futhi uphele ngomhlaka-29 kuNdasa.
Ezinye izinkundla ezigunyazwe le midlalo i-Lenyenye ne-Julesburg ngaphandle kwase-Tzaneen.