Kuzoba nemigomo nemibandela yokudayiswa kotshwala e-Qatar

Dylan Bettencourt

INdebe yoMhlaba ye-Fifa isiyenze kwacishe kwashintsha ukuvinjelwa kotshwala kulo mqhudelwano walo nyaka.

Ubhiya usuzodayiswa ezinkundleni zemidlalo nasezindaweni zabalandeli.

Imibiko yokuqala ibiveza ukuthi abukho utshwala obuzodayiswa kuleliya lizwe elinabantu abaningi abangamaSulumane ukuze kuhambisane nemithetho yezwe ngotshwala. Leyo mithetho selokhu yaxegiswa kudala, kodwa inemibandela ethile.

I-Fifa ithe ubhiya ungadayiswa ezinkundleni ngaphambi nangemuva kwemidlalo, kodwa hhayi uma sekudlalwa.

Abalandeli bazovunyelwa ukuthenga obhiya amahora amathathu ngaphambi kokuqala komdlalo kanye nehora ngemuva kokuphela komdlalo kubika i1-Reuters.

Ubhiya ozodayiswa i-Budweiser yanikezwa umxhasi okhethekile walo mcimbi kusukela ngo-1986.

“Sisebenzisana kakhulu ne-Fifa okuyiyona ephethe ubudlelwano neziphathimandla zase-Qatar ukuqinisekisa ukuthi imidlalo yethu yomqhudelwano siyenza ngenhlonipho nangokuhambisana nemithetho yendawo,” kusho okhulumela i-Budweiser.

“Sihlale sihlonipha amasiko endawo ezimakethe, lapho sisebenzela khona noma sibambe imicimbi.”

Abagqugquzeli bamemezele ukuthi ubhiya we-premium uzothengiswa ngaphakathi kwe-perimeter yenkundla ngaphambi kokuqala kwemidlalo nangemuva kokuphela komdlalo.”

“Ngaphakathi kwenkundla abanikazi bamathikithi bazokwazi ukufinyelela kwi-Budweiser Zero. Kwi-Fifa Fan Festival i-Budweiser izotholakala kusukela ngo-6.30 ntambama,” kusho inhlangano eyengamele ibhola.

Ngaphandle kwezindawo zokudlela zamahhotela nezokucima ukome ezinelayisensi, utshwala awukwazi ukubuthola kwenye indawo ezweni lase-Middle Eastern. 

Emzamweni wokuthuthukisa ezokuvakasha i-Qatar yathatha isinqumo sokuxegisa imithetho yayo yotshwala kulo mqhudelwano ozothatha inyanga yonke oqala ngomhlaka-20 kuLwezi.

Akusikho okokuqala  ukuthi ingcindezi yeNdebe yoMhlaba iphoqe izwe ukuthi lixegise imithetho yotshwala.

INdebe yoMhlaba ka-2014 e-Brazil idlule esigabeni esifanayo sokukhululwa emthethweni mayelana nokudayiswa kotshwala ezinkundleni.

Umthombo wesithombe:@TheTimesOfIsrael

Izihloko zakamuva