Kuzoba impelasonto emnandi yezemidlalo 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-derby ye-Manchester neye-North London azodlalwa kwi-Premier League kule mpelasonto.

  • Kuningi okufunakalayo kunamaphuzu amathathu inqobo nje uma imbangi yakho iza edolobheni langakini. Amalungelo okuzigabisa, ubungani kanye nemindeni kuba senkingeni uma kufika usuku lwe-derby.

Futhi ayikho imidlalo emikhulu ye-derby ku-English Premier League ukwedlula i-derby ye-Manchester neye-North London.

Kule mpelasonto kuzoqala umdlalo ozobe use-Old Trafford lapho okuzobe kududulana khona i-Manchester United ne-Manchester City.

I-Manchester United isefomini enhle futhi iya emdlalweni iyintandokazi yokuwola amaphuzu amathathu.

Ngakolunye uhlangothi, i-Manchester City ikhishwe kwi-Carabao Cup phakathi nesonto i-Southampton esezingeni eliphansi.

Umqeqeshi wayo uPep Guardiola uzothemba ukugwema okunye ukulahlekelwa ngamaphuzu ngoMgqibelo okunganikeza i-Arsenal amaphuzu engeziwe phezulu etafuleni.

Womabili la maqembu kumele awine ngoba ukudlala ngokulingana akusizi ngalutho njengoba womabilli la maqembu ejaha i-Gunners ehamba ngamaphuzu ayisikhombisa esicongweni.

I-Manchester Derby izoqala ngo-2.30 ntambama ngoMgqibelo kanti izosakazwa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

I-Arsenal izobe iwubheke ngeso lokhozi lo mdlalo njengoba izobhekana ne-Tottenham Hotspur ngeSonto kusihlwa.

Umphumela wangoMgqibelo yiwona ozonquma ukuthi uMikel Arteta neqembu lakhe babasethubeni lokunweba ukuhola kwabo yini.

I-Arsenal isahlulwe kanye kuphela isizini yonke futhi ibukeka iyintandokazi yokuphakamisa indebe ye-Premier League ngoNhlaba nokuyinto eyagcina ukuyenza ngo-2004.

I-North London derby izophetha impelasonto ngomdlalo ozobe usenkundleni yezemidlalo i-Tottenham ngo-6.30 ntambama. Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

Ngemuva kokuhlulwa kwelakuleli kwi-United Rugby Championships ngesonto eledlule e-Northern Hemisphere, kungase kube khona inhlansi yethemba kubalandeli basekhaya kule mpelasonto kowe-Heineken Cup.

I-Bordeaux Begles kuzomele ilethe umdlalo wayo omuhle kakhulu eThekwini uma isizobhekena namaSharks ngo-5.15 ntambama ngoMgqibelo. NgoZibandlela amaSharks ashaya amagoli amancane ebhekene ne-Bordeaux kodwa kulokhu amaSharks asefomini enhle futhi ukwenza kahle kuzowenza adlulele esigabeni sokuqala somkhumulajezi kwiNdebe.

Umdlalo wamaBulls ne-Exeter Chiefs cishe yiwona ozobukwa kule mpelasonto ngo-7.30 ebusuku. La maqembu agcina ukuhlangana e-England ngesikhathi i-Chiefs ishaya amaBulls ngamaphuzu angu-30. Kodwa lelo kwakuyiqembu elihlukile ezweni elihlukile. Umdlalo wangoMgqibelo uzoba e-Loftus Versveld kanti ilanga lizobe likhipha umkhovu etsheni njengoba nezinga lokushisa lizoba phezulu kakhulu.

AmaStormers angase adlale ngaphansi kwezimo ezinomoya, izimvula kanye neqhwa, kodwa kusalindeleke ukuthi ahlule i-London Irish edonsa kanzima e-Brentford, e-England ngeSonto ngo-3 ntambama. Kuyindlela ejabulisayo yokuqeda impelasonto.

Yonke le midlalo izoba bukhoma esiteshini se-DStv 201 no-211.

Esithombeni esingenhla: I-Manchester derby

Umthombo wesithombe: Manchester Evening News

Izihloko zakamuva