Kuyingozi ukuhlala ehostela kwaMashu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Busadla lubi ubugebengu ehostela kwaMashu kanti nokungathembani kusezingeni eliphezulu kubahlali bakuleya ndawo.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi intatheli yeScrolla.Africa ivakashele khona ngempelasonto.

Ngichithe impelasonto yonke ngizama ukuqonda ukuthi kunjani ukuhlala lapha futhi ngifunde okuningi ngamadoda abiza le ndawo ngokuthi ikhaya.

Ngabelane ngeziphuzo nokudla nezakhamuzi, kodwa ziyabaxwaya abantu abangabazi futhi azizange zidalule okuningi.

Okuqaphelekile ukuthi iningi labahlali linolaka futhi liyashesha nokucasuka.

Okunye ukuthi abesilisa bahlale bephethe izibhamu ezigcwele izinhlamvu.

Umuntu ongaziwa uyabhekisiswa ukuthi ungowaphi futhi uzofunani. Uma ekhuluma into engazwakali bayashesha ukumshaya.

Indlela isimo esiyiyo kwaMashu ngisho abantu bamathenda abasuke bethole imisebenzi kuthiwa bagcina besaba ukuzoqala lowo msebenzi.

“Kunomsebenzi wedamu nowenkundla yemidlalo osekuphele iminyaka emithathu ungenziwa ngoba abawuthola bayesaba,” kusho omunye wabahlali.

Kuleli hostela iningi labantu abahlala khona basuka ezindaweni zasemakhaya. BaseThekwini ngoba bezofuna imisebenzi. Abanye bagcina bengayitholanga bese bezihlanganisela amabhizinisi okungaba ukudayisa utshwala nenyama enhloko.

Abanye bahleli kuleya ndawo edume ngokuthi iseziMpohlweni ngoba benezinkinga zamacala.

Ukuqhuma kwesibhamu sekwaba into okuphilwa ngayo njengoba sikesasho kwacaca ukuthi sekukhona abadudulanayo.

Uma niphumile niyothenga okuthile niphila ngokuqalaza ngoba isibhamu singaqhuma noma nini.

Okunye abantu besifazane kuthiwa kuyingozi ukuzijwayeza nabo ngoba ungazithola usushayelwa ukuthi ushele unkosikazi womuntu.

Izinsizwa nazo zinesikhwele esisabekayo ngezintombi zazo.

Izivakashi ezifika kuleli hostela ezinjengami zibhekisiswa kakhulu, abahlali befuna ukwazi ukuthi baphumaphi futhi kungani belapha. 

Ihostela liyindawo yezinkabi. Abanye babo batshele i-Scrolla.Africa – ngaphandle kokudalula amagama abo – ukuthi iyona kuphela indawo abazizwa bephephile kuyo, ngoba ngisho namaphoyisa ayesaba ukungena aseshe isakhiwo.

“Angifuni ukusuka kule ndawo ngoba ngingase ngiboshwe uma ngiqunga isibindi ngiphumele ngaphandle kwasehostela,” kusho omunye woshayasibhamu.

NgoNhlaba, i-Scrolla.Africa sabika ngendlela izigebengu ebezixosha ngayo abesifazane ehostela abashonelwa abayeni babo. Ihostela laguqulwa laba indawo yemindeni ngezinsuku zokuqala zentando yeningi ukuze abesilisa bahlale nemindeni yabo. 

Ngomhlaka-5 kuNcwaba ngonyaka odlule, sabika ukuthi ukugaselwa kuseshwe ehostela kwavundululwa umkhankaso wobugebengu lapho kwatholwa khona imishini yokukhiqiza izinhlamvu nezibhamu zezigidi zamarandi.

Izinhlelo zentuthuko eThekwini, njengenkundla entsha yezemidlalo, zisamile ngenxa yokuthi osonkontileka basabela ukuphepha kwabo kwizinkabi eziqashwayo ezihlala ehostela elidume kabi.

Izihloko zakamuva