Kuyaqhubeka ukuvela kobunqunu beSilo ngaphandle kukaButhelezi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kugqame okwekati elimhlophe ehlungwini ukungaboni ngasolinye phakathi kweSilo uMisuzulu neNkosi Mangosuthu Buthelezi ngesikhathi amabutho eduba imashi ebiholwa omdala yokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane eThekwini ngoMgqibelo.

Phezu kokukhangiswa okukhulu emaphephandabeni eziteshini zakumabonakude, emisakazweni nasezinkundleni zokuxhumana kodwa imashi yembube igcine ihanjelwa ingcosana kuphela.

Lona umkhankaso wesibili weSilo samaBandla – ngemuva komkhuleko obubanjelwe kwaCeza – obhekane nokungasekwa amabutho, izinduna namakhosi kanye nezimeya ze-IFP. Lokhu kuza ngemuva kokungaboni ngaso linye phakathi kweSilo  noButhelezi.

Ngisho nabahlali basemahostela abajwayele ukuphuma ngobuningi babo ukuzokweseka imicimbi yasebukhosini bebengabonwa nangokhalo.

Okunye futhi ukuthi izimeya zaKwaZulu-Natal ezijwayele ukutheleka emicimbini yeSilo ziphinde zihlinzeke abantu ngezinto zokuhamba komasipala bazo bezingabonakali.

Emashini bekukhona iPhini leMeya yeTheku uNkosenhle Madlala nePhini leMeya yaseDumbe uMajuba Mavuso.

ISilo sihole imashi ebisuka eMangosuthu University of Technology yaze yayofika enkundleni yezemidlalo iKing Zwelithini lapho esethule khona inkulumo yaso.

Phakathi kwezikhulu zikahulumeni ebezisemashini kubalwa uNgqongqoshe wentsha ehhovisi likaMengameli uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, iPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sbongiseni Dlomo nePhini likaMengameli we-IFP iNkosi uMzamo Buthelezi.

Enkulumeni yaso Isilo sigcizelele ukubaluleka kokuqeda ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ezikoleni nasemabandleni. Sithe ngeke kulunge ukuthi othisha namadoda babeyingxenye

yalezi zenzo eziyihlazo.

Sixwayise ngokuthi kungase kubambezeleke ukukhuluma okumayelana nokuncishiswa kwelobolo uma kuqhubeka udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Siphinde sathinta amahlebezi okuthi singase sisuswe esihlalweni saqinisekisa isizwe ngokuthi asiyi ndawo.

“Ngifuna ukukuqinisekisa ukuthi izingxabano ezenzeka eNdlunkulu kaZulu zizodlula,” sisho kanje.

“Kunemibiko yokuthi ngingahle ngehliswe esikhundleni. Izindaba ezingamanga lezo futhi angiyi ndawo. Akekho ozongisusa esihlalweni sobukhosi.

Ngenyanga edlule okhulumela Isilo, uMntwana u-Afrika Zulu udalule izinsolo zetulo lokuketula imbube. UMntwana u-Afrika usole i-IFP ngokubhedla leli tulo.

I-IFP iziqhelelanisile nalezi zinsolo yaxwayisa uMntwana u-Afrika ngokuthi uma ehluleka ukunikeza ubufakazi izommangalela.

Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sihole imashi yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane eMlazi ngoMgqibelo.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva