Kuyaqhubeka ukuthunjwa kwabaphuma emazweni angaphandle

Damien Zondo

USalahuddin Abdul Halim uthunjwe esitolo sakhe e-Fordsburg, eGoli ngomhlaka-26 kuNtulikazi kanti kusukela ngaleso sikhathi akakaze abuye.

Abathumbi bafuna imali efinyelela ku-R15 million ukuze bamkhulule.

Izinyanga ezimbalwa ngaphambi kokuthunjwa kwakhe, lo mlisa wase-Bangladesh ubevame ukuhlukunyezwa futhi egetshengwa yiqembu lezigebengu eliqonde ozakwabo. Uyewalahlekelwa yizigidi zamarandi ngenxa yalokho.

Ngosuku lokuthumba, uSalahuddin uye wahlukunyezwa futhi wafakwa ngendluzula emotweni yabathumbi indoda ebihlome ngezibhamu ngemuva nje kokuvala isitolo sakhe.

Itulo lokuthunjwa ngomhlaka-26 kuNtulikazi kuqale ezinyangeni ezingaphambi kokuthunjwa kwakhe ngesikhathi ithimba lozakwabo abasabalalisa izimpahla ezitolo begetsgengwa amahlandla angaphezu kwayishumi. 

Uvule amacala amaningi obugebengu emaphoyiseni eziteshini zamaphoyisa ezahlukene okubalwa kuzo i-Tembisa Rabasotho, i-Diepsloot, i-Johannesburg Central kanye nezinye.

Ngale kokugetshengwa ekhonjwe ngezibhamu ngesikhathi esabalalisa isitoko kumakhasimende akhe, lo mlisa wase-Bangladesh uthole umlayezo ovela kumuntu ongaziwa ebhokisini lakhe leposi enemininingwane yokuthi ngelinye ilanga bazomthumba kanjani, bafune isihlengo, bese beyambulala.

Uzakwabo wesisulu okhulumela umndeni kaSalahuddin utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngomhlaka-26 kuNtulikazi iqulu lamadoda lifike esitolo sikaSalahuddin ngemuva kwehora lesithupha ntambama e-Fordsburg. “Bebehlome beyizingovolo behamba ngezimoto ezintathu. Bamfake emotweni yabo bemkhombe ngesibhamu bashaya bachitha naye.”

Ngokumangalisayo, abathumbi baye babuya bengahambi noSalahuddin, kodwa kulokhu bebefuna uzakwabo otshele i-Scrolla.Africa ukuthi bebefuna ukumthumba naye.

Indoda ebibonakala yethukile ebilokhu iqalaza ngesikhathi ikhuluma nethimba lethu ithe abathumbi bakazakwabo (uSalahuddin) bebemfuna naye. “Angiphephile njengoba sikhuluma nje. Angithembi muntu engingakaze ngimbone futhi ngiphila impilo yokwesaba,” esho.

Uthe abathumbi baqale bafuna imali elinganiselwa ku-R15 million ukuze kukhululwe uSalahuddin. “Anginayo leyo mali futhi umndeni wakhe awazi ukuthi kumele wenzeni.”

Uthe umndeni uqoqe imali elinganiselwa ku-R300 000 echithwe abathumbi abasanda kukhuluma ngenye imali ebalelwa ku-R5 million. “Kubathumbi kubonakala sengathi u-R5 million imali encane kodwa imali esingenayo nesingeke siyithole,” esho.

Uthe njalo uma bexhumana nabathumbi bafuna imali ehlukile. Abamile emalini eyodwa. “Imali encane abathe sibanike yona u-R3.5 million.”

Uthe umndeni uvule icala lokuthumba kanti amaphoyisa ayaphenya.

Lo mlisa uthe zonke izinsuku umndeni uthandazela ukuthi othandiweyo wawo abuye ephephile. “Umndeni ukhungathekile okwamanje.

“Amaphoyisa asitshela ukuthi akulona icala lokuqala okumele abe matasa ngalo. Bathe kunamacala amaningi okuthumba agcwele emahhovisi abo,” esho.

Izihloko zakamuva