Kuyaqhubeka ukuntuleka kwamanzi eNelson Mandela Bay

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Sezikujwayele ukuhlala isikhathi eside ngaphandle kwamanzi izakhamuzi zaku-22 Avenue elokishini KwaLanga, e-Kariega.

Izakhamuzi zaKwalanga zifuna izimpendulo kuMasipala waseNeslon Mandela Bay mayelana nenkinga yamanzi eqhubekayo ababhekene nayo.

Izakhamuzi zisola uMasipala ngokungazitsheli ukuthi iziphi izinyathelo ezithathwayo ezizonqanda uMasipala  ukuthi uvale amanzi.

UMasipala  ububhekene nenkinga yokunqamuka kwamanzi kusukela ngo-2018. Kwakulindeleke ukuthi ufinyelele osukwini lokugcina, kwaze kwangenelela uMnyango wamanzi kanye nokuthuthwa kwendle.

Isishabasheki somphakathi uMgcini Mejane, uthe uMasipala uhlulekile ukuxoxisana nabantu mayelana nale nkinga yamanzi. Uthe abakaze batshelwe lutho, nokungenelela koMnyango wamanzi bakuzwe ezindabeni.

“Kusithusile ukubona abantu abasebenza kaMasipala bezofaka amamitha amanzi amasha singakaze sizwe lutho oluqhamuka kuMasipala. Kwesinye isikhathi sike sihlale izinsuku ezingaphezulu kwezintathu ngaphandle kwamanzi singatshelwanga lutho. Amakhansela nawo awakaze asitshele lutho,” kusho uMejane.

Izakhamuzi zithe zincane izindawo ezihanjelwa amanzi endaweni. Umgwaqo uDe Booi, uMadobela, uModiko kanye noSinyane iyona kuphela imigwaqo ehanjelwa amanzi kathathu ngesonto ku-22 Avenue.

UGogo Maggie Kula oneminyaka engu-87, ongaboni emehlweni futhi ongezwa kahle ezindlebeni uhlala nomzukulu wakhe uBusisiwe Blauw oneminyaka engu-27 kanye nengane yomzukulu wakhe eneminyaka emibili. Uthe sebekujwayele ukungabi nawo amanzi. Sebefunde ukuhlala bezilungiselele makwenzeka ehamba amanzi.

“Umzukulu wami uwagcwalisa ezigubhini amanzi— ukuze uma ehamba izinsuku ezingaphezulu kwezintathu singawasweli. Ekuqaleni bekuba nzima ngisho ukuthola amanzi okuphuza amaphilisi ngoba besikade singazilungiselelanga,” kusho uGogo Kula.

Umakhelwane wabo okhathazekile uZukiswa Martins uthe kwesinye isikhathi kuba nzima ukuthi uBusisiwe ayokha amanzi ngoba ngeke akwazi ukushiya ingane yakhe nogogo ongaboni futhi ongezwa kahle.

“Kwesinye isikhathi ngiyayigada ingane kaBusi yena ahambe ayokha amanzi. Uyangikhelela nami njengoba ngihlala ngedwa. UGogo ngeke akwazi ukugada ingane,” kusho uMartins.

Ikhansela laku-Ward 50 Kwalanga eNelson Mandela Bay, uNomxolisa Phezisa akatholakalanga ukuthi aphawule.

Okusesithombeni esingenhla: Izigubhu zokufaka amanzi

Umthombo: @Anita Dangazele

Izihloko zakamuva