Kuyaqhubeka ukucishwa kukagesi

Lungani Zungu

Abantu bakuleli kumele bazilungiselele ukuhlala ngobumnyama njengoba inkampani ephehla ugesi edonsa kanzima iqalise ukucishwa kukagesi kuleli sonto.

UMnu Jan Oberholzer oyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom, uthe baphoqeleke ukuthi bacime ugesi ngenxa yesidingo esikhulu sikagesi kanye nezinhlelo zikagesi ezibambekayo.

U-Oberholzer utuse u-Eskom ngokuthi “usebenza kahle kakhulu emhlabeni jikelele” kodwa uxwayise ngokuthi abantu bakuleli bazobhekana nokucishwa kukagesi okuqhubekayo.

Inkampani kagesi izosuka esigabeni sesithathu sokucishwa kukagesi iye esigabeni sesibili kusukela ngoLwesibili kuze kube uLwesihlanu uma ingekho inqubekela phambili, kusho u-Oberholzer.

“Akukabi ngcono,” kusho u-Oberholzer esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko kanti wengeze ngokuthi izikhungo ezingu-42 zilimele kodwa ezingi-37 zilungisiwe futhi seziyasebenza.

Uxolisile esizweni ngokucishwa kukagesi okuqhubekayo.

U-Oberholzer uthe izithelo zesu lokushintsha kwa-Eskom zingavunwa kuphela ngemuva konyaka noma ngaphezulu.

Ibamba lomphathi kwa-Eskom uRhulani Mathebula, udalule ukuthi isikhungo sikagesi i-Kusile eMpumalanga njengesiphathisa ngekhandla izikhulu zakwa-Eskom.

“Sinenselelo yokuthola abasebenzi abanolwazi olufanele ukuze bakwazi ukunakekela isikhungo sase-Kusile,” kusho uMathebula.

Izihloko zakamuva