Kuyaqhubeka nokwanda ukubulawa nokudlengulwa kwabesifazane

Kamogelo Olaitan

Ngesikhathi kwethulwa i-Ministry of Women, Youth and Persons with Disabilities eminyakeni edlule umsebenzi wawo wawucacile, ukuhlonzeka ngobuholi nokufukula abesifazane, intsha kanye nabantu abakhubazekile.

Kodwa ngemuva kokuthi abesifazane abayisishiyagalombili abebeyoshutha ividiyo yomculo bedlwengulwe bephindelela e-Krugersdorp ngomhlaka-28 kuNtulikazi iqembu labesilisa abebehlomile uNgqongqoshe uMaite Nkoana-Mashabane akazange alubhade khona noma etholakale. 

Ngesikhathi kuvela izindaba zobugebengu uMnyango wakhipha isitatimende esizwakalisa ukushaqeka nentukuthelo.

Kulokhu bekungokokugcina  uNgqongqoshe noma uMnyango wakhe bezihlanganisa naleli cala.

Ngesikhathi amaphoyisa evakashele endaweni yesigameko, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ubunikeza usizo ngokwengqondo kwabashonile nemindeni yabo, kodwa uNkoana-Mashabane akatholakalanga ukuthi aziphendulele.

Ngesonto eledlule uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele ususe umsindo ngesikhathi ethi omunye wabadlwenguliwe ube nenhlanhla yokudlwengulwa owesilisa oyedwa kuphela. Yize kunjalo akuzange kube khona ukusabela noma ukucasuka okuvela kwi-ministry okuthiwa ivikela abesifazane.

Umbuzo osalayo uthi ngabe uMnyango usebenzela bani uma kungebona laba besifazane nentsha ehlushwa ubugebengu kuleli. 

Ukudlwengulwa kwabesifazane e-Krugersdorp bekungekho kude kakhulu ukuthi uMnyango kaNkoana-Mashabane uhluleke ukuthatha isinyathelo ngemuva kwenhlekelele.

Emasontweni ayisithupha edlule kushone abantu abasha abangu-21 ngendlela engaqondakali ethaveni yase e-East London. 

Omncane ubeneminyaka engu-13. Nakulokhu uNgqongqoshe ukhiphe isitatimende ethi uphatheke kabi ngokushona kwalaba nakhona bekungokokugcina ukuzwa ekhuluma ngalolu daba.

Abaningi bacasulwe ukuthi izingane ezineminyaka engu-13 ubudala zazisendaweni yokucima ukoma ngezikhathi zasekuseni. UMengameli uze weseka umbono wokuthi iminyaka esemthethweni yokuphuza inyuswe ibe ngu-21.

Ngenkathi izikhulu zikahulumeni eziningi zinezithangami nabezindaba ukuze zinikeze imininingwane ngembangela yokushona kwabantu abangu-21, uNkoana

Mashabane ubengekho.

Umsebenzi kaNgqongoshe ukuhlinzeka amandla kubantu besifazane kanye nentsha. Ukunikezwa amandla ngezitatimende ezizwakalisa ukushaqeka, kodwa kunezinqubomgomo zangempela zokunqanda isihlava sodlame olusekelwe kubulili nokushona kwabantu abasha kuleli.

Izihloko zakamuva