Kuyaphenywa ngegciwane elisha elitholakale e-Tanzania

Dylan Bettencourt

Uhulumeni wase-Tanzania uthumele ithimba lodokotela nongoti bezempilo ukuthi bayophenya ngesifo esingaqondakali esibulale abantu abathathu.

Lo oshonile ubulawe igciwane elingaziwa elinezimpawu ezifana nomkhuhlane, ikhanda, ukukhathala nokopha.

Kuze kube manje zingu-13 izigameko zokugula esezitholakele esifundeni esiseNingizimu ne-Mpumalanga e-Lindi okuhlanganisa nabathathu abashonile.

Isikhulu sezempilo kuhulumeni u-Aifello Sichalwe uthe iziguli zonke zitholakale zingenayo i-Ebola, i-Marburg kanye ne-Covid-19.

Esinye seziguli sikwazile ukwelulama kanti esisele sisavalelwe sodwa, kusho uSichalwe.

Uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholwe ukuthi ngabe ukhona yini omunye umuntu ongenwe yileli gciwane.

“Uhulumeni ubumbe ithimba longoti abasaphenya ngalesi sifo esingaziwa,” kusho uSichalwe. 

Isikhulu sezempilo sinxuse izwe ukuthi lehlise umoya ngesikhathi besaphenya.

USichalwe unxuse noma ngabe ngubani onezimpawu ezifanayo ukuthi aphuthume esibhedlela.

UMengameli wase-Tanzania uSamia Suluhu Hassan uthe lesi sifo esixakile siwumphumela wokukhula kokuxhumana phakathi kwabantu nezilwane zasendle okudalwa ukucekelwa phansi kwemvelo.

Ngesonto eledlule i-Ghana ibike izigameko ezimbili okusolwa ukuthi i-Marburg igciwane elivela kwi-Ebola futhi linezimpawu ezifana nomkhuhlane omkhulu kanjalo nokopha ngaphandle nangaphakathi.

Umthombo wesithombe: @AFP

Izihloko zakamuva