Kuyanda ukuntshontshwa kwezintambo zikagesi

Dylan Bettencourt

Kuboshwe abesilisa ababili ngecala lokweba izintambo zikahulumeni ezingaba ngu-4km.

U-Anye Valentine Nkwenti noHappy Dube bantshontsha amakhebuli akwa-Eskom e-aluminium eminyakeni emine edlule.

Laba bagwetshwe iminyaka engu-15 nengu-12 ngokulandelana iNkantolo yase-Bronkhorstspruit ngasekuqaleni kwale nyanga.

Umphathi wezokuphepha, ezempilo, imvelo kanye nekhwalithi (i-SHEQ) kwa-Eskom e-Gauteng uKith Maitisa uthe le nkampani iyakuthokozela ukubona izigebengu zigwetshwa. Uzwakalise ukubonga emaphoyiseni ngokubopha  abasolwa.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela naye ukwamukele ukutholwa kwalabasolwa benecala.

“Lokhu kuzothumela umyalezo oqinile kulabo abaqhubeka nokulimaza ingqalasizinda yethu ebalulekile,” kusho umphathi.

Ukuntshontshwa kwamakhebuli akwa-Eskom kubiza imali elinganiselwa ku-R2 billion njalo ngonyaka ngokusho kukaMaitisa othe kuvame ukuholela ekutheni kunqamuke futhi kuphazamise nokuphakelwa kukagesi.

“I-Gauteng ibhekene nezigameko eziningi zokuntshontshwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwengqalasizinda kagesi. Ukuboshwa kuyingxenye yemizamo yethu yokunqanda izenzo zobugebengu ezithinta amakhasimende eziphazamisa impilo yabantu kanye nekusasa lezwe,” kusho yena ngoLwesibili.

U-Eskom akuwona kuphela oyisisulu sokuntshontshwa kwamakhebuli. KwaZulu-Natal abesilisa abahlanu ababhekene necala lokweba izintambo zethusi zojantshi bezitimela zakwa-Transnet bagwetshwe eNkantolo yesifunda e-Newcastle ngoLwesibili.

Abanye abasolwa ababili bavele eNkantolo yeMantshi yase-Carolina izolo ekuseni ngemuva kokutholakala nezintambo zethusi ezingabiza u-R120 000.

Umthombo wesithombe:@Eskom

Izihloko zakamuva