Kuyanda ukuhlaselwa kwabezimo eziphuthumayo 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Asisalanga ngaphandle isiguli ekubanjweni inkunzi kwabezimo eziphuthumayo esigamekweni sangoLwesihlanu. 

Ngesikhathi abasebenzi ababili bakwa-EMS bephendula ucingo ngoLwesihlanu oluvela e-Lebanon e-Winterveld, enyakatho ne-Tshwane, babebazi ubungozi abebeyozifaka kubo. 

Izigebengu kule ndawo ziyaziwa ukuthi zibamba inkunzi kakhulu ama-ambulensi kanti babizwe sekuphakathi kwamabili. Kodwa isiguli besizoshona ukube abazange balusukumele udaba lokusiza owesilisa obenenkinga yokuphefumula.

Ngokushesha ngemuva kokufika kulowo wesilisa ogulayo kuqhamuke izigebengu zabakhomba ngommese zathatha izimpahla zabo kanye nemishini wokwelapha.

Izigebengu zithathe i-electrocardiogram (ECG), umshini wokuqapha isiguli kanye nomakhalekhukhwini babasebenzi.

Izigebengu zize zaphoqa isiguli ukuthi sikhiphe umakhalekhukhwini waso.

UNgqongqoshe Wezempilo e-Gauteng, uNomantu Nkomo-Ralehoko uchaze lesi sigameko njengesingamukelekile neze kanti uMnyango wakhe usuthathe izinyathelo zokuzama ukugwema lezi zigebengu.

Ukuhlaselwa kwama-ambulensi nabezimo eziphuthumayo sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba e-Gauteng,kangangoba uMnyango wezeMpilo usubhale uhlu lwezindawo okungelula ukuthi abezimo eziphuthumayo bangene kuzo ngaphandle kokuphelezelwa ngamaphoyisa.

Uhlu lwezindawo okuyizona eziyingozi ise-Jukulyn eSoshanguve, eMshongoville, e-Atteridgeville, eZola, e-Braamfischerville naseDube ehostela.

Esigamekweni sangoMgqibelo udokotela wakule ndawo i-Odi Base uphucwe abahlaseli abebehlomile omakhalekhukhwini, kanye nomakhalekhukhwini wesiguli esangweni lasemtholampilo e-Boekenhout ngesikhathi bezongenisa isiguli ngaphakathi.

UNkomo-Ralehoko ucele ukuthi kumiswe ukuhlasela kwamalungu ezimo eziphuthumayo.

“Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi eze nemininingwane engasiza uMnyango kanye nezinhlaka zomthetho ukuze kuboshwe abenzi bobubi.”

Uthe abasebenzi be-EMS abahlaselwe ngenhlanhla abazange bathole ukulimala futhi bathola ukwelulekwa ngokwengqondo ukuze babasize babhekane nalesi simo.

UNgqongqoshe uthe lezi zigameko zokuhlasela zakamuva zifinyelele ku-14 wathi uMnyango usuvule amacala okuhlasela amabili ngemuva kwesigameko sakamuva esiteshini samaphoyisa eMabopane.

Isithombe esingenhla: Abezimo eziphuthumayo bebhikishela ukuhlaselwa kwabo

Umthombo wesithombe: Gauteng EMS

Izihloko zakamuva