Arthur Greene
Ngempelasonto edlule ukubulawa kwabantu abangu-23 ezigamekweni zokudubulana ezindaweni zokucima ukoma ezine ezahlukene kunyakazise isizwe esisakhungathekile ngokushona kwezingane ezingu-21 endaweni yokucima ukoma i-Enyobeni tarven e-East London.
Kulelisonto izwe liqeda unyaka owodwa kusukela kwaba nezinxushunxushu zikaNtulikazi zokuzitapela ezitolo nyakenye, kodwa manje sizithola sibhekene nokudutshulwa nokubulawa kwabantu abaningi ezindaweni zokucima ukoma.
Nazi izigameko zokubulala ezenzekile kulempelasonto okuzoba umlando kwelakuleli:
● NgoLwesihlanu mhla ziyisishiyagalombili kuNtulikazi kudutshulwe kwabulawa abantu ababili kwathi abane balimala esigamekweni sokudubula endaweni yokucima ukoma elokishini lase-Katlehong. Akekho osaboshiwe mayelana nalesi sigameko sokubulala.
● NgoMgqibelo mhla ziyisishiyagalombili kuNtulikazi abantu abakade behlomile abahlanu bangena endaweni yokucima ukoma egcwele abantu e-Orlando East, e-Soweto bafike bavulela ngenhlamvu kubathengi. Bangu-12 abantu abashonele endaweni yesigameko kanti abane bashone kamuva esibhedlela kwalimala abangu-23. Kubikwa ukuthi izigilamkhuba azikakaboshwa.
● NgoMgqibelo mhla ziyisishiyagalolunye kuNtulikazi endaweni eyibanga elingamakhilomitha angu-500 endaweni yokucima ukoma eMgungundlovu kushone abantu abane kwalimala abayisishiyagalombili ngesikhathi abesilisa ababili bevulele ngenhlamvu bebhekise kunoma ubani okade ekhona kubathengi.
● NgoMgqibelo mhla ziyisishiyagalolunye kuNtulikazi kushone abantu abathathu okuhlanganisa nomfundi oneminyaka engu-18 ubudala ngesikhathi abesilisa abangaziwa bedubule ngokungahleliwe eduze kwethaveni ezakhiweni ngakwaMathole ngaphandle kwase-Roodepoort.
● NgoMsombuluko ngomhlaka-11 kuNtulikazi kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa endaweni yokucima ukoma egcwele abantu e-Mamelodi ePitoli.
● NgoLwesithathu ngomhlaka-13 kuNtulikazi iqembu lezigelekeqe ebelihlomile lidubule labulala abantu ababili elokishini lase-Alexandra kodwa akugcinanga lapho.
● NgoLwesine ngomhlaka-14 kuNtulikazi iqembu lezigelekeqe lase-Alexandra lidubule labulala abanye abantu abayisithupha ngemuva kokubagebenga okwenza abantu ababulewe babe yisishiyagalombili ezinsukwini ezimbili.
● NgoMgqibelo ngomhlaka-16 kuNtulikazi abantu abahlanu badutshulwe bashona kwalimala kabi ababili kwesinye isigameko sokudubulana kwabantu abaningi ezakhiweni zaseThembelihle e-Lenasia, eningizimu neGoli.
● NgoMgqibelo ngomhlaka-16 kuNtulikazi kudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu ezindaweni ezahlukene zaseKapa. Kushone abesilisa abathathu ekhoneni lomgwaqo e-Khayelitsha kwathi ababili babulawa esigamekweni esingahlobene nalesi elokishini lase-Harare.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele udalule ngoNhlangulana ukuthi phakathi kukaMasingana noNdasa kubulawe abantu abangu-6,083 kwelakuleli.
Uhlu oluhlinzekwe kulesi sihloko kungenzeka ukuthi aluphelele, kodwa lukhombisa ukwanda kokudutshulwa nokubulawa kwabantu ezindaweni zokucima ukoma ezinsukwini eziyisishiyagalolunye.