Kuyanda ukubulawa kwezimbongolo ngokungekho emthethweni

Dylan Bettencourt

Izimbongolo zakuleli  zihlatshelwa umuthi wesintu wase-China obizwa ngokuthi i-Ejiao.

Uhwebo olungekho emthethweni seluveze ukukhathazeka ngekusasa lezimbongolo futhi seludale ukubhebhetheka kokuntshontshwa kwezilwane.

Umhloli uKeshvi Nair we-National Council of SPCAs (i-NSPCA) utshele i-Business Insider ukuthi izimbongolo ziyantshontshwa bese ziyiswa KwaZulu-Natal ngaphambi kokuba zithunyelwe ezintabeni zase-Lesotho.

UNair uthe inhlangano ikhathazekile ngemibiko ekhomba ukuthi isilwane sisuke siphila ngaphambi kokuba sihlatshwe njengokusho komthetho.

“Izilwane zigwazwa ekhanda nge-screwdriver noma ngendlela enesihluku nangendlela engaqondakali bese zikhishwa izikhumba,” kusho umhloli. 

“Ngesikhathi siphenya elinye lamacala ethu udokotela wezilwane oqeqeshiwe ukuqinisekisile ngemuva kokuhlolwa kwesidumbu ukuthi izimbongolo zigwazwa zisaphila ngesikhathi zikhishwa isikhumba.” I-gelatin eyenziwe ngesikhumba ithunyelwa e-China.

Isicubu esifihlakele esitholalkala kwimbongolo esibizwa nge-collagen sisesikhumbeni sesilwane futhi sivame ukusetshenziswa emithini yendabuko yase-China ngokusho kwe-Donkey Sanctuary, inhlangano yezenhlalakahle yase-United Kingdom.

I-Ejiao isetshenziswa njenge-tonic yegazi ngabantu abane-anemia okuyisibalo esiphansi sama-cells egazi noma izinkinga zokuzala.

Isikhumba siyacwiliswa ukuze kukhishwe into esetshenziswa emuthini.

Sibuye sisetshenziselwe ukwenza insipho, uketshezi, amaphilisi, izinto zokuthambisa, imikhiqizo yobuhle nama-syrups.

Umhloli uNair uthe okwamanje i-NSPCA inamacala ayisikhombisa okuhweba izikhumba zezimbongolo ngokungemthetho.

Icala lakamuva libandakanya izimbongolo eziningi ezisindile ukuthi zingashushumbiswa ngoNdasa nyakenye.

Ukuhlatshwa kwezilwane ezizodliwa ngabantu kusemthethweni kwelakuleli.

“Ngobuningi bezikhumba ezitholakele noma eziphuma emingceleni yethu kuphephile ukuthi kuthiwe kwenziwa ngokungekho emthethweni,” kusho uNair kkanti i-Uganda, i-Tanzania, i-Botswana, i-Niger, i-Burkina Faso, i-Mali, ne-Senegal zonke zikuvimbele ukuthunyelwa kwezimbongolo e-China.

Umthombo wesithombe: @NPR

Izihloko zakamuva