Lubhalwe nguSihle Mavuso
Iqeqebana labaxhumanisi bezifunda eziyisishiyagalombili beqembu loMkhonto wesizwe (MK) KwaZulu-Natal libhalele ihhovisi likazwelonke licela ukuthi lisungule uhlaka olusha oluzohola isifundazwe.
Abaxhumanisi bavela ezifundeni okukhona kuzo iTheku, uThukela, uMkhanyakude, Ugu, Ilembe, iZululand, iHarry Gwala kanye neKing Cetshwayo.
UMengameli weqembu uJacob Zuma ubethembise ukusungula izinhlaka zeqembu ngokugcwele ngemuva kokhetho. Kodwa namanje alukho usuku olubekiwe lwengqungquthela yokuqala yokukhetha ubuholi beqembu.
Encwadini yangomhlaka-25 kuNtulikazi, ethunyelwe ehhovisi likaNobhala-Jikelele, uMnuz Arthur Zwane, yaphinde yakopishelwa ehhovisi likaMengameli, eliholwa nguMagasela Mzobe, phakathi kokunye, abaxhumanisi bathe kulandela ukhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba, sekuvuleke isikhala sobuholi esifundazweni.
Bathe ubuholi bonke beqembu esifundazweni manje busesiShayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu.
“Kuyakhathaza futhi kuyaphuthuma ukuthi sibhekane nesimo sobuholi obukhona esifundazweni sethu ngemuva kokuphothulwa kokhetho nokuqokwa kwawo wonke amalungu e-PIC esiShayamthetho.
“Selokhu kuqokwe amalungu ezikhundleni, isifundazwe saKwaZulu-Natal sisale singenabo ubuholi obusebenzayo ehhovisi lezepolitiki.”
Abaxhumanisi baveze ukuthi ukuqoka ubuholi obuphelele kuzosiza okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2026.
Abaxhumanisi bathi naphezu kokuzinikela nokuzikhandla kwabo, “bazizwa belahliwe futhi benganakiwe”.
Phakathi kwabaxhumanisi abaqinisekise ukuthi bayisayinile incwadi kubalwa uMthandeni Chonco wasoThukela noBongani Msomi waseHarry Gwala.
UZwane akazange aphendule ngesikhathi i-Scrolla.Africa simcela ukuthi aqinisekise ukuthi ihhovisi lakhe liyitholile yini incwadi noma cha.
Osesithombeni ngenhla: Arthur Zwane
Umthombo: Facebook