Kuyabesebenzela ukwenza ingxubevange yezinhlobo zomculo 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Ukuhlanganisa umculo wezokholo, i-kwaito, i-hip-hop kanye ne-drill ohlotsheni olulodwa lomculo kungase kubonakale kuwumsebenzi ongeke wenzeka, kodwa hhayi kwiNubians.

Leli qembu elihlanganiswe uNubian Phoenix ogama lakhe langempela uLungelo Gololo noNubian Flow ogamalakhe langempela uKgomotso Nkhuna lasungulwa ngo-2015. Laba ababili abadabuka e-Zabediela e-Limpopo batholeisitudiyo abazoqopha kuso okokuqala futhi bahlole umsindo wabo oyingqayizivele.

“Sahlanganiswa ngomunye umngani wethu. Sazana sakhipha i-albhamu ethi-Connect. Abantu bayithanda kakhulu futhi asiphindanga sabheka emuva kusukela lapho,” kusho uLungelo.

Ngenxa yokuthi babebancane imindeni yabo yayingajabule kangako ngakho.

“Kwakunzima ukuqala ikakhulukazi ukuchazela abazali bami ukuthi ngifuna ukuba umculi,” kusho uKgomotso.

“Kwaba into enzima ukuthi bayamukele ngoba babefuna ngiye esikoleni ngiqhubeke nezifundo zami.”

Kodwa babaqinisekisa ngothando lwabo futhi kuze kube namuhla babaseka ngokugcwele.

I-albhamu ezayo ye-Nubians ihlanganisa izinhlobo zomculo wevangeli we-ZCC ne-kwaito yeminyaka emisha kanye ne-afro drill.

Baphinde basebenzise izilimi zomdabu zase-Afrika ezingomeni zabo ukuxoxa indaba yabo ngenhlanganisela eyingqayizivele yesigqi sesimanje nomsindo wendabuko.

Izingoma zabo ezihlonishwa kakhulu ethi-‘Tsholla Dikeledi’ kanye nethi-‘Heke’ bezilokhu zizwakala emoyeni futhi sezike zasabalala naku-TikTok.

Kuze kube manje bacule izingoma noLeo Magozz, kanye nomculi odumile wezingoma zesi-Tshonga uDr-Joe Shirimani kwi-albhamu yabo ezayo ezophuma ngoNhlolanja kulo nyaka.

Esithombeni esingenhla: INubians

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva