Kuxwayiswa izakhamuzi zaseNseleni ngokubhukuda emayini eyingozi 

Lubhalwe nguLungi Langa

Imayini eyashiwa dengwane isiphenduke indawo yokubhukuda kwizakhamuzi zaseNseleni ebezivele ziyogxumela emanzini zingabazi ubungozi bale ndawo.

Njengoba kuqubuke ukushisa okuxakile kuleli kuvele izithombe namavidiyo ezakhamuzi ebeziphuma zingena emanzini ebezilokhu ziwasebenzisa njengendawo yokubhukuda kusukela ngoLwezi.

Kodwa ngoLwesine kuminze owesilisa uNdoda Mthethwa (42) kanti isidumbu sakhe sitholakale ngoLwesihlani ekuseni.

Umfowabo kaMthethwa uMnu Nathi Manqele (41) uthe namanje basathukile ngalesi sigameko, wengeza ngokuthi uMthethwa ubebuya e-Richards Bay lapho abesebenza khona ewasha izimoto aphinde azigade ngesikhathi ebona abantu bebhukuda wabe esengena. 

“Ubengakaze aye kule ndawo futhi ubehlale ezibuza ukuthi kwenzekani kuyo. Ngeshwa akazange abuye,” kusho uManqele. 

ULwazi Mpanza (18) ogada le ndawo yaseNseleni, utshele i-Scrolla. Africa ukuthi bebebhukuda kulamanzi kusukela ngoLwezi odlule kanti bebekholwa ukuthi iphephile.

“Uma abantu bengakwazi ukubhukuda siyabasiza futhi sibacebise ukuthi babhukude eduze endaweni esizobabona kuyo. Akukaze kugwilize muntu selokhu saqala ukubhukuda,” kusho uMpanza.

USolwazi u-Anja du Plessis weNyuvesi yaseNingizimu Afrika (Unisa), uthe le ndawo idinga ukubhekwa ngokushesha.

UDu Plessis uthe ukubhukuda kule ndawo kungadedela izinto ezingcolile ebezivaleleke edwaleni emithonjeni yamanzi ezungezile engaphansi komhlaba futhi lokhu kuzokwenza amanzi abe ingozi.

“Amakhemikhali afana ne-ayoni, i-aluminium ne-sulphate ayakwazi ukungena emanzini angaphansi komhlaba futhi lawomanzi aba ingozi. Lezi zinto  ziyingozi enkulu empilweni yabantu,” etshela i-Scrolla.Africa.

Emanzini amile kungaba khona amagciwane, afana ne-e.coli kanye ne-legionella angagulisa abantu.

Isishoshovu sezemvelo kanye nomxhumanisi wemikhankaso ye-GroundWork uRico Euripidou, uthe lokhu kuyingozi kakhulu futhi kufanele abantu baqwashiswe ngoba le indawo yemayini.

“Izimayini ezishiywe dengwane nezinkwali ziyizindawo eziyingozi futhi okwenzeka emhlabeni wonke ukuthi izingozi ezibulalayo zingenzeka kunoma yiluphi uhlobo lwemayini engasasebenzi!

“Ezimweni eziningi lokhu kungenxa yokuthi izimayini zishiywa abanikazi bazo ngemuva kwalokho zibe ingozi ngoba zisuke sezingavikelwa imuntu,” kusho u-Euripidou.

Umholi woMdabu uMfokazi Dube uthe bacela ukuthi uMasipala ukhiphe amanzi ngemuva kokuthi inkampani ishiye le ndawo ngonyaka odlule, kodwa lokhu kwawela ezindlebeni ezingezwa.

Ngesikhathi ethintwa ngoLwesine oyikhansela uMnu Musa Mthethwa ukuqinisekisile ukuminza kwabantu wacela ukuthi athintwe ngokuhamba kwesikhathi, kodwa ube eseyeka ukuphendula izingcingo nemiyalezo.

Nokho ukuminza akuyona kuphela into eyingozi ngisho namanzi imbala athathwa njengayingozi kulabo abangenayo.

Esithombeni esingenhla: Abantu bebelokhu bengena ngobuningi babo bezozipholisa edamini laseNseleni nangemuva kwezexwayiso eziningi zobuholi bomdabu endaweni.

Umthombo wesithombe: eZaseNseleni kuphela Facebook page

Izihloko zakamuva