Lubhalwe nguBathandwa Ndlangisa
Abantu bakuleli basengozini enkulu yokuba yizisulu zobugebengu be-inthanethi ku-Dark Web.
Lokhu kuvezwe ucwaningo olusha olwenziwe inkampani ye-cybersecurity i-NordVPN.
Lolu cwaningo luveze ukuthi imininingwane yomuntu okuhlanganisa nemininingwane yekhadi lokukhokha, izinombolo zomakhalekhukhwini kanye nemininingwane ye-akhawunti ye-inthanethi idayiswa ngemali encane engu-R31 kanti ama-passport akuleli angawesine ashibhe kakhulu emhlabeni jikelele kanti wona athengiswa ngemali encane engu-R156 kuma-dark web.
Imininingwane yomuntu egcinwe ngabakwa-Netflix, i-Uber kanye ne-Twitter isengcupheni enkulu yokuntshontshwa, njengoba i-NordVPN ihlaziye enye yezimakethe ze-Dark Web ezinenani eliphelele lokuthengisa elingekho emthethweni lika-R270.4 million.
Uchwepheshe kanye nesikhulu esiphezulu se-Nihka Technology Group, uYashmita Bhana, uthe lo mkhuba oshaqisayo uqhutshwa imithetho entekenteke yokugcinwa kwemininingwane kuleli.
“Kubalulekile ukuthi izinhlangano nohulumeni bathathe izinyathelo zokuvikela imininingwane yabo ebucayi ukuthi ingathengiswa kuma-Dark Web. Sisize abantu abambalwa, izinhlangano kanye nohulumeni ezingxenyeni ezahlukene zomhlaba,” etshela i-Scrolla.Africa.
Okhulumela uNgqongqoshe wezokuXhumana kanye ne-Digital Technologies, u-Tlangelani Manganyi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhulumeni unesikhungo sokuvikela i-cybersecurity esaziwa ngokuba nethimba likazwelonke lokuphendula izigameko zekhompyutha (Csirt).
“Inhloso ye-Cybersecurity Hub ukwenza i-cyberspace okuyindawo lapho zonke izakhamuzi zakuleli zikwazi ukuxhumana ngokuphephile, ukuhlalisana, nokwenza izinto ngokuzethemba.”
UMoeketsi Lekgwathi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi waqala ukuzwa nge-Dark Web ngesikhathi eba yisisulu sobugebengu be-inthanethi.
“Uma ngikhuluma iqiniso, angikaze ngazi nge-Dark Web ngaze ngaba nenselelo nge-akhawunti yami ye-Netflix, eyayisebenza ocingweni lwami, ikhompuyutha ephathekayo, kanye ne-smart TV. Ngokuphazima kweso, ngabona ukuthi i-akhawunti yami yayisetshenziswa abanye abantu abanamadivayisi ahlukene.”
“Ngesikhathi ngizama ukuxazulula le nkinga ngatshelwa ukuthi i-akhawunti yami ayisetshenziswa ama-hackers ajwayelekile, kodwa isengozini ye-syndicate. Lokho ngakuqinisekisa ngemuva kwezinyanga ezimbalwa ngabona ukuthi nginama-stop order asolisayo engangingawazi,” kusho lo wesilisa (35) wasePitoli.
UNthabi Sibisi, waseGoli ungomunye oyisisulu sobugebengu be-inthanethi.
“Ngaba yisisulu se-Dark Web ngenxa yabahlinzeki be-e-hailing. Bengisebenzisa izinto zabo eziningi emsebenzini, amaphathi, isonto, nezinye izindawo ngesikhathi samaholidi. Angazi ukuthi bakwazi kanjani ukuthola imininingwane yami, kodwa ngisanda kuthola incwadi ebhange ingicela ukuthi ngikhokhe isikweletu okuthiwa ngisithathe ngamaholidi kaZibandlela,” kusho uSibisi.
Umqondisi womphakathi we-Netflix Sub Saharan Africa uMarang Setshwaelo kanye nomholi we-Uber South Africa Communications uMpho Mutuwa abatholakalanga ukuba baphawule ngesikhathi kushicilelwa lesi sihloko.
Isithombe esingenhla: I-Dark Web