Kuxoshwe uSolwazi wenyuvesi yase-Fordham ngokusolwa ukuthi ubedlala ngenduku yakhe ku-Zoom

Ukuvevezela nokububula  okuzwiwe ngumfundi bekuqhamuka kusolwazi wakhe ezama ukuvimba ukuba angachami ngesikhathi eqedela ukubhala i-email – ngokusho kukaHoward Robinson wasenyuvesi ebizwa ngokuthi i-Fordham.

Uxoshwe enyuvesi yase-New York ngemuva kokuthi umfundi embambe eshaya indlawabu ku-Zoom ngesikhathi sokufunda.

Ngokusho kwe-New York Post, uRobinson uvule icala lokuxoshwa ngokungafanele enyuvesi.

URobinson oneminyaka engama-68 ubudala, uthi ubengeke enze lokhu asolwa ngakho ngoba unenkinga yokuncipha kwe-testosterone kanye ne-erectile dysfunction.

Usola lesi sigameko ngenxa yokukhula kwe-prostate.  

Lo mfundi uphinde wamangalela inyuvesi, ethi ubhekane nokugxekwa ngokubika lesi sigameko nanokuhambisa ividiyo. 

Izihloko zakamuva