Dylan Bettencourt
Umqondisi womcimbi wokuvula nokuvala emidlalweni yama-Olimpiki ase-Tokyo ngowezi-2020 uxoshiwe ngemuva kokukhishwa kwesiqeshana sevidiyo endala ekhombisa ihlaya ngokuhlaselwa kwesizwe.
Ividiyo kaKentaro Kobayashi yangonyaka wezi-1998 idale ukushaqeka okukhulu nentukuthelo njengoba umqondisi eselahlekelwe ngumsebenzi kulokho okungabonakala njengokunye ukushayeka kwemidlalo esivele inezinkinga.
USeiko Hashimoto, umphathi we-Tokyo 2020 uphendule kulesi siqeshana wathi: “Kuvele ukuthi, ngesikhathi enza lo mdlalo, wasebenzisa ulimi oluhlekisa ngeqiniso elibuhlungu lomlando. Ikomidi elihlela le nhlangano selinqume ukukhulula uKobayashi esikhundleni sakhe.”
UKobayashi bese kusele amahora ambalwa ukuthi aqondise umcimbi omkhulu kunayo yonke emsebenzini wakhe, kodwa manje ihlaya lakhe alenza limdonsele amanzi ngomsele.
UKobayashi uthe leli hlaya laliyisicelo nje sokufuna ukuhlekwa kwamahlaya akhe: “ngaleso sikhathi abantu babengawahleki amahlaya ami ngendlela engangifuna ngayo, futhi ngikholwa ukuthi ngangizama ukuheha abantu ngendlela ebhedayo.”
Umqondisi ungomunye wabasebenzi abaningana bama-Olimpiki abaxoshiwe. Umqondisi wemicimbi yobuciko ushiye phansi isikhundla ngoNdasa ngemuva kokuqhathanisa usomahlaya omkhulu ngokomzimba nengulube. Kuleli sonto, umqambi womculo wale midlalo uxoshiwe ngemuva kwezingxoxo zakudala ezikhombisa ukuthi lo mqambi womculo wavuma ukuthi wayehlukumeza afunda nabo abakhubazekile.
Umphathi wama-Olympiki ase-Tokyo angowezi-2020 uthe kusamele kuthathwe izinqumo mayelana nomcimbi wokuvula ozosingathwa ngoLwesihlanu mhla zingama-23 kuNtulikazi. Le nkundla engangena abalandeli abayi-68,000 izosingatha kuphela abantu abangama-950 ngenxa yemithetho yomvalelo njengoba i-Tokyo iqhubeka nokulwa negagasi layo lesine lokutheleleka ngokhuvethe.
Umthombo wesithombe: @SkySports