Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Isiphenduke indaba egudwini indaba yosigaxa mabhande besinye seziteshi zamaphoyisa oLundi okuthiwa bakhonjwe indlela ngezinsolo zokwebiwa kwamadokodo nokunyathelwa kwamacala athile.
Imithombo engaphakathi ihlebele i-Scrolla.Africa ukuthi la maphoyisa ebelokhu ehamba izigcawu zalolu daba kodwa osigaxamabhande ababili kuthiwa bakhonjwe indlela ngoMsombuluko kwathi oyedwa onguKaputeni washawa ngoswazi oluncane wamiswa.
Amagama abo aziwa i-Scrolla.Africa kodwa asagodliwe ngoba iziphathimandla zimanqika ukuqinisekisa lolu daba.
“Bebelokhu bevela ezigcawini ngaleli cala labo kodwa kuthe ngoMsombuluko laba ababili okungowesifazane ophethe esinye isiteshi noBranch Commander baxoshwa ngoba betholwe benecala. Lona onguKaputeni ongumphathi wabaseshi yena bamshaye ngoswazi oluncane bamumisa. Kodwa-ke, kulesiya siteshi amaphoyisa ebesekhale kakhulu ngokuhlukumezeka ngokuthi amacala abawaphenyayo ayanyamalala kulahleke namadokodo. Amanye ebethi uma elandela amacala osomabhizinisi abathile noma osopolitiki abathile ahlukunyezwe, noma asuswe kulelo cala linikezwe omunye bese liyanyamalala,” kusho umthombo.
Uqhube wathi maningi amaphoyisa ahambile ayeka umsebenzi amanye ayosebenza kwezinye iziteshi.
Omunye umthombo uthe umphathi wabaSeshi yena ukewakhushulelwa izimendlela kodwa waphinde waphucwa kungakapheli isikhathi eside zikhwelile kuye.
Iziteshi eziningi ze-Cluster yaseZululand kuthiwa amaphoyisa asephuza itiye ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netsheunda (osesithombeni) uthe lolu daba lusephakathi komsebenzi nomqashi ngakho akukho angakuphawula.
“Lolu udaba oluphakathi komqashi nomsebenzi ngakho uma kukhona isinqumo esithathiwe sizonazisa,” kusho uNetsheunda.