Dylan Bettencourt
Kuxoshwe iphoyisa ngemuva kokuba lisolwe ngokumithisa isiboshwa esagwetshwa iminyaka engama-30 sibhadla ejele ngokubulala kabili.
Umbiko uveza ukuthi iphoyisa lesifundazwe sase-North West lazibandakanya ngokocansi nombulali esiteshini samaphoyisa sase-Stilfontein emaselini ngoNcwaba ngonyaka wezi-2020.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Adele Myburgh uthe kwisitatimende, lo wesifazane ulethwe abasejele lase-Rooigrond esiteshini sase-Stifontein ukuba bazomvalela emaselini ukuze azokwazi ukulinda usuku lwakhe lokuvela enkantolo.
“NgoNdasa ngowezi-2021 wathola ukuthi ukhulelwe futhi abaphathi bejele bakubika lokhu emaphoyiseni” kusho uMyburgh.
Okhulumela umnyango wezokuqondiswa kwezimilo uSingabakho Nxumalo phambilini uthe iphoyisa elibekwe izinsolo lalijwayele ukuhambisa isiboshwa enkantolo.
Iphoyisa layekiswa emsebenzini mhla zingama-31 kuNcwaba ngesikhathi kuqulwa icala lomnyango ngokwemigomo yokuqondiswa izigwegwe nezinsizakalo zamaphoyisa eNingizimu Afrika ngowezi-2016.
Ukhomishana wamaphoyisa ase-Noth West uLietenant General Sello Kwena uvumelane nokutholwe uphenyo ngoLwesibili.
UKwena uthe lokhu kuziphatha okungekuhle angeke sikwazi ukukvumela embuthweni wamaphoyisa.
Umbhalo noma ulwazi oluvele kwabophenyo oluzimele lwamaphoyisa luveza ukuthi kusukela ngonyaka wezi-2021 amaphoyisa emazweni wonke asebekwe izinsolo cishe eziyinkulungwane zamacala okudlwengula. Angamaphesenti angama-30 amaphoyisa akwenza lokhu esemsebenzini.
NgoNhlaba ngonyaka wezi-2021 sibone amacala ambalwa okuzibandakanya ngokocansi phakathi konogada basejele kanye neziboshwa kanti lilodwa icala elabikwa ukuthi elokudlwengula.
Umthombo wesithombe: @Kormorant