Kuxabene ubendle kumasipala waseKZN

Celani Sikhakhane

Babhodla umlilo abasebenzi kuMasipala wase-Newcastle ngephini lemeya elisanda kukhethwa ngemuva kokuba lifunge lagomela ukuthi lizobaxosha bonke bese liqasha abantu beqembu lakhe ne-IFP.

“Angikwazi ukuhola abantu be-ANC,” kusho uMusa Thwala we-Team Sugar Party emcimbini weqembu e-Newcastle.

“Lesi isizathu esizongiphoqa ukuthi ngibaxoshe bonke labo basebenzi be-ANC kulowo masipala ukuze zonke izikhundla zivalwe ngamalungu e-Team Sugar Party, amalungu e-IFP kanye namalungu omphakathi.”

I-Team Sugar Party yasungulwa ngonyaka odlule. UThwala uthembise imisebenzi kubantu abangu-100 abebehambele  lo mcimbi kodwa uthe kuzomele axoshe bonke abasebenzi be-ANC abebeqashwe ngabaphathi.

Kubasebenzi ababhekene nengwadla kubalwa abaphathi abaphezulu kanye nomphathi kaMasipala, uMnu uVish Govender.

I-Scrolla.Africa ibikelwe ukuthi uGovender useyalelwe ukuthi asule emsebenzini ngaphambi kokuba inkontileka yakhe iphele ngoNcwaba kodwa ukunqabile lokho.

“Impi inzima ngoba bonke abasebenzi sebekhethe ukuqhuba kancane wonke umsebenzi,” kusho uGovender.

“Abanye sebeze baphathwa ukhwantalala kanti abanye sebeze baphuze utshwala ngenxa yengcindezi.

Kunzima ukuthi umphakathi uthole usizo ngoba abasebenzi abaningi bathathe ikhefu lokugula.”

UGovender utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abasebenzi bayesaba ukuthi amalungu omphakathi angase afike azofuna imisebenzi abathenjiswe yona iphini lemeya.

“Ngisho umphathi wehhovisi lemeya owamiswa ngenxa yokungaziphathi kahle ufake icala eNkantolo futhi uthola ukwesekwa ebuholini bepolitiki kuMasipala.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) uMnu uSipho Hlomuka naye uyeza lapha ukuzongenelela kulolu daba,” kusho uGovender.

UThwala wake wathathwa njengeqhawe labasebenzi ngemuva kokulwela amalungelo alabo abake babhekana nezinkinga zezimboni e-Newcastle.

Scrolla World Cup Quiz