Kuwe umuthi omkhulu kukhothama uMatanzima

Zukile Majova

Kunesisho sesintu esithi “Kuwe umuthi omkhulu”,  esivamise ukusetshwenziswa uma kushone umuntu obalulekile futhi ohlonishwayo emphakathini.

Imvamisa sisetshenziswa uma kushone umuntu osekhulile obeyinsika, inqolobane yolwazi futhi eyisazi.

Akulona ihaba ukusho ukuthi abantu base-Eastern Cape bagcwele usizi kulempelasonto kulandela ukuvela kwezindaba zokukhothama kweNkosi uNgangomhlaba Matanzima.

Kungukulahlekelwa okukhulu esizweni sabaThembu ikakhulukazi iNdlu yaseMadlomo okuyindlu yaseNdlunkulu kalowo owayenguMengameli uNelson Mandela ongasekho.

INdlu yabaHoli boMdabu e-Eastern Cape ikuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi le ngqalabutho yobuholi bomdabu isinyandezulu.

“Indoda eqotho, enomzimba omkhulu namandla isidlulile emhlabeni. INkosi uMJN Matanzima ubeyindoda ebukekayo, engumholi oqotho, futhi eyiqhawe lemiphakathi yomdabu,” kusho indlu yaseNdlunkulu esitatimendeni.

“Ubewumthombo wokudla esiFundazweni sonke nasesizweni sabaThembu sonkana.”

Amakhosi esifundazweni ancoma iNkosi uMatanzima ngokuba nesandla ekwakhiweni kweNdlu yabaHoli boMdabu e-Eastern Cape nokusebenzela le ndlu iminyaka engu-21.

INkosi uMatanzima yayithathwa njengesihlahla esikhulu sabaThembu kanye nendlu kaMandela ngoba iyona eyakwazi ukuhlanganisa nokulawula imibango ebuhlungu phakathi kwezindlu ezehlukene esizweni saMadlomo esibusayo.

Zonke izindlu zaBathembu okubalwa abakwaMtirara, abakwaMatanzima, abakwaMandela, abakwaDalindyebo, abakwaManqanqeni nabakwaJoyi banezikhalo ezahlukene ebuholini besizwe sabaThembu.

INkosi uMatanzima yayithandwa futhi ihlonishwa yizizwe eziningi zase-Eastern Cape ngeqhaza layo ekuBumbeni izizwe zobuholi bomdabu kulezi zifunda.

Njengomholi we-Moral Regeneration Movement esifundazweni, iNkosi uMatanzima “ubekwazisa  ukuziphatha kanye nokuba nesimilo” futhi wake wakhuluma ngokumelene nokuhlukunyezwa ngokobulili, ecela amadoda ukuba abe noshintsho kulokhu.

Hamba kahle Dlomo, Madiba, Zondwa. Ah Ngangomhlaba!

Izihloko zakamuva