Lubhalwe nguRorisang Modiba
UKairo Forbes, indodakazi kaDJ Zinhle nomrepha ongasekho uKiernan “AKA” Forbes uwine i-Nickelodeon Kids’ Choice Award ye-Favourite African Kidfluencer e-Santa Monica, e-California.
UKairo uthe uyayijabulela le ndondo emcimbini obuseGoli futhi ubonge umndeni wakhe nawo wonke umuntu omvotele.
“Ngijabule kakhulu futhi ngiyabonga ngokungeseka kwenu. Ngiyethemba ukuthi ngikhuthaza ezinye izingane ukuthi zibe namaphupho futhi zibe nomndeni ozoseka amaphupho azo,” kusho yena, kubika iCitizen.
“Ngiyabonga Nkulunkulu ngazo zonke izibusiso zakho. Lena eyakho baba,” kusho yena njengophawu lokumhlonipha.
NgoNhlolanja ka-2023, u-AKA nomngani wakhe omkhulu owayengumpheki nosomabhizinisi uTebello “Tibz” Motsoane, badutshulwa babulawa ngaphandle kwendawo yokudla eThekwini.
Abanye abaqokiwe kubalwa i-Dream Catchers Academy yase-Nigeria kanye nendodana kaWizkid uBoluwatife Balogun.
Imiklomelo yama-37 Nickelodeon Kids’ Choice Awards, ebanjelwe e-Pauley Pavilion, igubhe iminyaka engu-25 ka-SpongeBob SquarePants no-Tom Kenny (SpongeBob) noBill Fagerbakke (Patrick Star).
Umcimbi ubunezithombe, i-augmented reality kanye nokuvela kosaziwayo abaphezulu, uTaylor Swift ezihola phambili ekuqokweni.
Ukugubha iminyaka ka-SpongeBob bekuhlanganisa nokutholakala kwalo mdlalo ngoLimi lwesiBhunu nesiZulu.
Isithombe esingenhla: UKairo Forbes.
Umthombo: Instagram